UMessi uvele waphihlika, wakhihla esikaNandi evalelisa kwiBarcelona

UMessi uvele waphihlika, wakhihla esikaNandi evalelisa kwiBarcelona
ULionel Messi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ULionel Messi uvumile ukuthi kungenzeka aphelele kwiParis Saint Germain ngesikhathi ekhihla esikaNandi evalelisa kwiFC Barcelona abesehlale kuyo iminyaka engu-21.

Kodwa lesi sihlabani sase-Argentina sithe okwamanje akukho osekuqinisekisiwe ngekusasa laso njengoba sinezesheli ngapha nangapha.

UMessi ufunwa uthuli ngamaqembu amaningi amakhulu emhlabeni kusukela kwamenyezelwa ukuthi ngeke esahlala eCamp Nou ngempelasonto.

Ngesikhathi ezama ukubamba izinyembezi ekhuluma nabezindaba, lo mdlali oneminyaka engu-34 uthe yena nabamphethe basaxoxa ngokuthi yikuphi okumlungele.

Ebuzwa ngokuthi mangakanani amathuba okuthi aye kwiPSG la azophinde ahlangane kuyo noNeymar ababedlala naye kwiBarca kudala, uMessi uthe: “Kungenzeka.”

UMessi selokhu aqala ukudlala ibhola udlala kwiBarcelona. Useyisize yawina izicoco ze-Eufa Champions League ezine, eziyishumi zeligi yaseSpain nezintathu zeNdebe yoMhlaba yamaqembu.

Ezindonweni zakhe eyedwa nje kubalwa eziyisithupha zokuba ngumdlali ovelele emhlaleni, iBallon d’Or nenqwaba yezokuba ngumdlali ovelele eSpain.

Kodwa useyahamba njengoba imithetho yeLa Liga elawula ezezimali ivimbele iBarcelona ukuthi ivuselele inkontileka yakhe ebiphele ngoJuni.

Ngenxa yalokhu, uMessi utholakala mahhala eqenjini elimfunayo, okuyinto esivulele iPSG ithuba lokuthi igxume ihlale kwazise izama ukuhlanganisa iqembu ezodla ngalo iChampions League.

Uhamba nje ubevele eke wakusho ukuthi uyahamba kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini edlule. Kodwa wabuye wasihoxisa isinqumo sakhe waqoka ukuhlala enye isizini.

Nokho njengoba esehamba okwangempela manje, ubonakale ekhathazekile ngesikhathi evalelisa esithangamini nabezindaba ngeSonto.

FUNDA NALA: IChiefs ishaya isindiyandiya ngomdlali ofunwa yiSwallows 

Echiphiza izinyembezi, uMessi uthe: “Bengingakulungele lokhu. Ngonyaka odlule ngangikulungele, kodwa kulokhu cha, bengingakulungele.

“Bengicabanga ukuthi sizohlala la ekhaya. Besifuna ukuhlala siqhubeke nokuthokozela impilo ekhaya nami ngijabulele ukudlala ibhola lapha.

“Kodwa namuhla kumele ngivalelise. Impilo yami yonke bengilapha. Ngafika ngimncane lapha manje ngemuva kweminyaka engu-21 nginonkosikazi nezingane ezintathu zalapha.

“Ngizobuya ngelinye ilanga ngoba kusekhaya lana futhi ngithembise nezingane zami lokho. Baningi abantu engifisa ukubabonga.

“Abadlali, nalabo abasisizayo. Ngikhulele lapha eqenjini. Ukuzithoba, inhlonipho bengikunikeza wonke wumuntu. Ngethemba ukuthi yilokho abazongikhumbula ngakho.”

Kulindele ukuthi kuphele leli sonto sekucacile ngokuthi uzobe edlala kuliphi iqembu uMessi kwazise izesheli ziza zilakanyana. Kukhona nabafisa aye kwiJuventus yase-Italy ukuze adlale eqenjini elilodwa noCristiano Ronaldo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.