UMgqigqo ongahlangani weChiefs uyayichitha ekulweleni isicoco seligi

Sihle Ndlovu

Indlela edlala ngayo iKaizer Chiefs, ayibukeki njengeqembu elingampintshela iMamelodi Sundowns ekhoneni, uma kukhulunywa ngesicoco seDStv Premiership.

Ngaphandle kokushaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 nokudlula kanzima kwiBaroka FC ngo 1-0, akukho okutheni okusenziwe yiqembu laseNaturena selokhu kubuywe ekhefini lemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon), ebiseCameroon.

Empeleni iChiefs ibuye ngesibhaxu kule midlalo ye-Afcon, ikhishwa yiTS Galaxy ngo 1-0 ngoFebhuwari 12. Isuke lapho yabambana neCape Town City ngo 0-0, kwacaca ukuthi kunzima ukuthola amagoli kubafana baseNaturena.

Izamile ukubuyisa ukuzethemba ngokushaya iBaroka neBucs kulandelana kodwa kucacile ukuthi ayinawo nhlobo umgqigqo ishaywa yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weligi odlule.

Uma kukhulunywa ngeqembu elinomgqigqo njengamanje emidlalweni yeDStv Premiership, yiRoyal AM, hhayi iChiefs. Leli qembu elicijwa uJohn Maduka, selidlale imidlalo eyisithupha ku-2022, lawina emine lase lidlala ngokulingana kwemibili.

Imidlalo esalele ngayo emuva iChiefs ayisho lutho uma isadlala ibhola elingagculisi kanje. Kule midlalo emithathu esilele ngayo isazobhekana ne-Arrows, kanjalo neCitizens, okungamaqembu esanda kulahla amaphuzu amane kuwona.

Isazotholana phezulu neSundowns, ngaphambi kokuvala isizini, kanti akulula ukuthi ivele iwuwine kalula nje lowo mdlalo. Nayo iSundowns iyithele induku iChiefs emzuliswaneni wokuqala womdlalo weligi.

Kubukeka kungelula neze ukuthi iChiefs incintisane neSundowns, iyiphushe kuze kuphele isizini, uma kubhekwa indlela edlala ngayo. Igebe lamaphuzu likhulu kakhulu phakathi kwaMakhosi naBafana Ba-Stlye, futhi akubukeki lizovaleka.

Mhlawumbe kumele bakuvume eNaturena ukuthi sebelwela ukuqeda endaweni yesibili, nokuthi akukho ndebe abazoyithola kule sizini.

Emdlalweni olandelayo weligi iChiefs izovakashela iChippa United eNelson Mandela Stadium, eGqeberha, ngo-Ephreli 2. Nawo lo mdlalo ngeke ube lula kodwa okumnandi ukuthi ungase udlale sekunabalandeli enkundleni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.