UMgqithi uveza imfihlo eyenza bengakhalazi abangadlali kwiSundowns

UMgqithi uveza imfihlo eyenza bengakhalazi abangadlali kwiSundowns
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns icebe ngabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu okwenza abanye baze bagcine belibaleka kodwa bayezwana – ngabe yini imfihlo?

Yize kunenawaba yabadlali abangalithola njalo ijezi kwamanye amaqembu, kukancane kuvela izindaba zokuthi kukhona ongenelisekile noma okhalazayo ngokuthi yena ijezi useligcina ngokulibona linekiwe.

Umqeqeshi waleli qembu uManqoba Mngqithi useveze imfihlo eyenza kungabi khona ukukhala kwiSundowns.

Uthi konke kuqala kubo njengabaqeqeshi ngokuthi bakhombise ukubambisana nokusebenzisana ngendlela evulelekile.

“Uma sonke sikhuluma ulimi olulodwa futhi sidudula siya nganxanye, kulula ukufeza izinhloso zethu,” kusho uMngqothi.

“Kodwa uma uzofuna ukuma wedwa njengomqeqeshi ufune laba badlali abangu-30 kuya ku-35 balalele wena wedwa, ngeke kulunge.

“Uma thina njengabaholi eqenjini siwenza ngokwethembeka umsebenzi futhi sikhombisa ukubambisana futhi singenzeleli kulaba bafana ngoba bafana nezingane kithi.

“Futhi akumele sibange izinto ezincane nabo noma silwe nabo noma kungenasidingo ngoba lokho kuyawubulala umuzwa wobunye eqenjini.

FUNDA NALA: UZwane uveza usizi aphila nalo ngenxa yokubhacaza kweChiefs

“Bonke bayesethemba futhi abenqeni ukuzokhuluma nathi uma kukhona abafisa ukukukhipha ezifubeni zabo ngoba bayazi sifana noyise kubo,” kusho lo mqeqeshi.

“Ngiyazi lokhu kulindeleke kube ngiumsebenzi onzima futhi kwaqala nje kwaba nokuziphakamisa nokuzazisa eqenjini kusho ukuthi wena njengomholi uhlulekile.

“Phela kuwumsebenzi wakho ukuqinisekisa ukuthi wonke umdlali uyazi ukuthi kwenziwani futhi kuhlosweni ngalokho.

“Kumele abadlali ubenze bahlale bekwazi ukuthi kungenzeka bazithole bengadlali njalo, hhayi ngoba kukhona okubi abakwenzile kodwa ngoba omunye enikwe ithuba.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.