UMhango ubhoboka ngamaphutha, uthi i-Afcon imbuyisele ukuzethemba

UMhango ubhoboka ngamaphutha, uthi i-Afcon imbuyisele ukuzethemba
UGabadinho Mhango
OkaDonga Gumbi

Umgadli we-Orlando Pirates uGabadinho Mhango usevez eukuthi naye ungumuntu futhi uyawenza amaphutha.

Lokhu ukusho kulandela ukumiswa kwakhe kuleli qembu ngasekuqaleni kwesizini kulandela ukutholakala esendaweni yokucima ukoma ngesikhathi esingafanele.

UMhango wazithola esevalelwe kule ndawo esePitori kulandela ukuhluleka ukukhokha isikweletu esingaphezu kuka-R25 000 sotshwala ayebuphuza anabangani namantombazane.

Lokhu kwafaka igama leqembu ehlazweni, wamiswa amaviki ambalwa eqenjini. Ekubuyeni kwakhe usekuthole kunzima ukubuyela eqenjini eliqala imidlalo.

Nokho ukudlala kahle kwakhe kwiMalawi ngesikhathi se-Afcon eCameroon kukhombise ukuthi usangumgadli obukhali athi kumenza abuyelwe ukuzethemba.

“Singabantu, kwesinye isikhathi siyawenza amaphutha,” usho kanje uMhango kwaSunday World.

“Kumele sifunde kulawo maphutha futhi lokho yinto engicabanga ukuthi kumele siyamukele. Ukuthi ngakwenza noma angikwenzanga akubalulekile, okusemqoka ukuthi impilo iqhubeke, sibheke phambili.

“Kumele ngenze okuzongisiza ukuya phambili. Bekumnandi ukuba neMalawi nokudlala ngale ndlela engidlale ngayo.

“Kwasinika, ikakhulukazi mina, indlela entsha yokubuka impilo. Manje sengibheke ukuqhubeka nefomu yami eqenjini lami Pirates.

FUNDA NALA: UMalatsi uveza okwamxabanisa no-Ertugral bacishe babambana ngezihluthu

“Iqembu lami libalulekile, le fomu ebenginayo kwi-Afcon kumele ngiqhubeke nayo eqenjini lami. Yilokho engikusophile,” kusho uMhango.

Uthi ukuthathwa kancane kweMalawi ngaphambi kwe-Afcon yikho okwabafaka umdlandla wokuthi bagile izimanga kulo mqhudelwano obuseCameroon.

“Wonke umuntu wayeneme ngeqembu (laseMalawi). Saya laphaya singabhekwe muntu ukukhi kukhona esingakwenza.

“Kodwa thina singabadlali besikwazi esikuyele laphaya, sasiyomela izwe lethu nokwenza abantu bakithi baziqhenye ngathi.

“Kuthe uma sibuyela eMalawi, wonke umuntu ubesijabulele. Besiqophe umlando ngoba bekungokokuqala iMalawi idlula esigabeni sokuqala kulo mqhudelwano.”

Ekubuyeni kwabo babe sebebongwa ngokuphiwa umhlaba nguhulumeni wakuleliya lizwe elingomakhelwane neNingizimu Afrika.

“Yebo kuyiqiniso ukuthi sabongwa ngokunikwa umhlaba eMalawi. Mina ngokubona kuyinto enhle kakhulu lokhu ngoba umhlaba awuboli.

“Imali ingaphela kalula nje kodwa umhlaba wona uyohlezi ukhona nje,” kuchaza lo mgadli. Kusazomele akusebenzele nokho ukungena eqenjini kwiPirates.

Umqeqeshi uMandla Ncikazi wakubeka kwacaca ukuthi ukwenza kahle kwakhe kwi-Afcon akusho ukuthi usezokweqa abanye abuyele eqenjini eliqala imidlalo kwiBucs.

IPirates izobhekana ne-Al Ittihad yaseLibya emdlalweni wayo wesibili esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup ngoMgqibelo okungenzeka kubonakale kuwo uMhango.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.