UMhango uhanjiswe ngoba kuneswa imizwa yabathile kwiBucs: Sikhosana

UMhango uhanjiswe ngoba kuneswa imizwa yabathile kwiBucs: Sikhosana
UGabadinho Mhango osezoyogijima kuMaZulu FC ngesizini ezayo
Sbongs Gumbi

UJerry Sikhosana useveze umuzwa wakhe ngoGabadinho Mhango odedelwe yiqembu ayedlala kulo i-Orlando Pirates futhi osengumgadli waMaZulu FC.

Uthi uphoxekile impela ngesikhathi ezwa izindaba zokuthi uMhango usededeliwe kwazise umbona engumgadli oseqophelweni eliphezulu.

“Ngaqala ukumbona edlala eThekwini, KwaMashu, ePrincess Magogo Stadium,” kusho uSikhosana ngoMhango.

“Ngambona eshaya amagoli kanti nakwiPirates ufike wadlala kahle futhi uphinde wadlala kahle eqenjini lesizwe laseMalawi kwiCaf Africa Cup of Nations njengoba ehlohle amagoli amqoka.

“Nasemidlalweni yakamuva yokuhlungela i-Afcon uphinde wazibonakalisa evalela amagoli amabili,” kuchaza uSikhosana.

FUNDA NALA: Isikhulu seSwallows sisola ipolitiki yePSL ecishe yabaphosa kwalasha

Le nkakha ithi ubona kuyipolitiki eshaye lo mdlali kwiPirates. Ithi ukudedelwa kwakhe bekwenzelwa ukunesa imizwa yabathile nje eqenjini abebengasamthandi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMhango ungomunye wabadlali abahamba izindlela zobumnyama.

Lo mdlali kulindeleke akhombise ukuthi kungani AmaZulu emlandile. Ufike Osuthwini kusanda kuxoshwa abadlali abaningi kakhulu njengoba iqembu liphemba kabusha.

Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu wakubeka kwacaca ukuthi ufuna iqembu lakhe lincintisane namaqembu afana noMamelodi Sundowns, Pirates neKaizer Chiefs.

Ufisa libe ngelinye ladla izicoco kuleli nasezwenikazi lonkana kusukela ngesizini ezayo. Abanye abadlali asebesayinwe Usuthu kukhona u-Ethan Brooks ubekwiTS Galaxy noRally Bwayla obekwiSimba SC.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.