UMhango usejahe ukubhakuzisa inethi asize Usuthu luwine izindebe

UMhango usejahe ukubhakuzisa inethi asize Usuthu luwine izindebe
UGabadinho Mhango osezoyodlala kuMaZulu FC ngesizini ezayo
Alfred Ngubane 

UGabadinho Mhango ulambele ukukhumbuza abalandeli kuleli ukuthi uyingozi kanjani njengoba esezodlala kuMaZulu FC ngesizini ezayo.

Uthi ufuna ukunqoba izindebe naleli qembu laseThekwini. Ngendlela akulambele ngayo ukudlala, uthi usefisa ngabe iqala kusasa lokhu okusayo iDStv Premiership.

Phela uMhango ubeselizwa ngendaba ijezi kwi-Orlando Pirates kulandela ukutholakala enza izinto ezingalungile nokumiswa isikhashana eqenjini.

“Ngisengumgadli oyingozi futhi ngisakulambele ukudlala njengoba kubonakalile nasemidlalweni yeqembu lesizwe,” kusho uMhango.

Lo mdlali odabuka eMalawi uzobe engakaqali ukudlala eThekwini njengoba ngaphambilini wadlala kwiGolden Arrows.

Eqenjini lesizwe laseMalawi uMhango nguye oyisihlabani nesethenjwa futhi nenethi uyayishaya akadlali.

Nokho ukuya kwakhe kuMaZulu kuyabasabisa abanye ngokuthi uzophinde aphume esandleni kwazise iTheku lidume ngobumnandi obungapheli.

Nokho umengameli woSuthu uSandile Zungu ucacisile ngoMhango noDumisani Zuma abasayinile ekubeni bedume ngokuhamba izindlela zasebusuku yize benekhono elihle.

“Ngeke umuntu umlahlele ukuthi uke wenza amaphutha phambilini futhi nginethemba ukuthi bazoshintsha kulezi zindlela abazihambayo, bazozalwa kabusha,” kusho uZungu.

FUNDA NALA: ULetsholonyane uthi ngeke aliyeke ibhola noma engasadlali yena

Uphinde waveza ukuthi abantu abathi unenkinga yezimali into engekho leyo. Lokhu kuvele kulandela ukuthi ededela inqwaba yabadlali okukhona kubo nabebenza kahle ngesizini edlule.

“Into esiyenzayo wukuthi sibumba kabusha iqembu. Laba badlali sebekhulile, sidinga abadlali abasha abazoyibamba ishisa njengoba sifuna ukunqoba izindebe.

“Sifuna ukuqala ngayo iMTN8 bese sidlulela nakwezinye,” kubeka uManzini engxoxweni abe nayo neMpmepme muva nje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.