UMhango uzifake otalatiyeni ‘ebusisa’ amantombazane, buka ividiyo

UGabadinho Mhango
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali we-Orlando Pirates odabuka eMalawi uGabadinho Mhango usale otalatiyeni lwesikweletu ngemuva kokubusisa amantombazane kwenye yezindawo eziphambili ePitoli.

Lo mdlali ongumgadli obengayibheki inethi eminyakeni emibili edlule kubikwa ukuthi wayezikhiphile ngoMgqibelo ebusuku.

“Ubehamba nenqwaba yamantombazane amahle azipendile abewabusisa ngeziphuzo notshwala.

“Abalendawo abebekuyo abazange bathuke uma inyuka imali okuzomele ayikhokhe ngoba bazi ukuthi uhola kahle kwiPirates,” kusho omunye owayekule ndawo ngosuku lwesigameko.

Imali obesekuemel ayikhokhe uMhango kuthiwa igcine seyifinyelele ngaphezu kuka-R26 000 ngesikhathi sekuvalwa kule ndawo.

FUNDA NALA: Sekusabalele amahlebezi okuthi uxoshiwe umqeqeshi weSwallows 

Kuthiwa kuthe sekumele akhokhe, waqala uMhango wazama ukudlula ngopotsho ebika imbiba abike ibunzi.

Kodwa kuvele kwacaca ukuthi ufice izitobha eziqinile, wehluleka wancama ukubashaya ngemfe iphindiwe.

“Thina sahamba esevalelwe abaqaphi nemenenja ehhovisi lakhona kudingidwa indaba yokuthi uzokhokha kanjani,” kuqhuba umthombo.

ISunday World ibike ukuthi uMhango wagcina ededeliwe ngemuva kokuvumelana ngokuthi uzokhokha kanjani.

Kubikwe ukuthi lamantombazane ayewaphuzisa awazange azihluphe nangokumlinda abone ukuthi uyakhululwa yini noma iphelelaphi indaba yakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.