UMhlakwana nguye odle isicoco kwiPrince Mangosuthu eDundee

UMhlakwana nguye odle isicoco kwiPrince Mangosuthu eDundee
UNkosikhona Mhlakwana
UMBIKO: Sihle Ndlovu no-Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

Ubonge abagqugquzeli bomjaho iPrince Mangosuthu Ultra Marathon uNkosikhona Mhlakwana owine lo mjaho eDundee ngeSonto.

UMhlakwana uwine lo mjaho ngesikhathi esungu-2.59:15, nokuchaza ukuthi uphule irekhodi likaMike Fokoroni waseZimbabwe elingu-3.06.03.

Ukuwina kukaMhlakwana kwenze ukuthi abuyise isicoco sithathwe umgijimi waseNingizimu Afrika, kanti ukhale wemuka no-R100 00.

“Bezingekho nezincane izihibe kulo mjaho, kusukela ekuqaleni waze waphela. Siyabonga kakhulu kubagqugquzeli ngokuhlela kahle yonke into,” kusho uMhlakwana.

Okuhlalukile ukuthi umjaho ubushesha kakhulu nokuyinto eholele ekutheni kuphuke irekhodi.

UMhlakwana uthe bekunzima kodwa kukhona lapho kumcacele khona ukuthi angase awunqobe umjaho.

“Kuthe ngesikhathi sekusele amakhilomitha angu-10 ngibonile ukuthi ngingase ngiyishaye intambo.

“Ngiyajabula ukuthi ngiwine lo mjaho njengomgijimi waseNingizimu Afrika,” kusho uMhlakwana.

UBongmusa Mthembu, osewine iComrades Marathon amahlandla amathathu, ungene endaweni yesihlanu.

Kuhambe kanje ngokwemiphumela

1. Nkosikhona Mhlakwana

2. Nsindisi Mphakathi

3. Siboniso Sikhakhane

4. Peter Mothubi

5. Bongmusa Mthembu

6. Winifred Mutiro

7. Nkosinathi Duma

8. Siyabonga Nkonde

9.Thandokwakhe Ngcobo

10. Peter Tumbare

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.