UMhlakwana ubalwa nabangadla ubhedu kwiComrades Marathon

UNkosikhona Mhlakwana
Alfred Ngubane

Abasubathi beHollywood bets bangabanye balabo abakleliswe ohlini lwabangase bawine iComrades Marathon ka-2022, ekhuza ibuya ngemuva kweminyaka emibili.

Lo mjaho, ogijinywa phakathi koMgungundlovu neTheku, ubungekho ngo-202o nango-2021 ngenxa yokuhlanga kweCoronavirus ebihlasele umhlaba wonke. Nokho kulokhu abagijimi bazozikholisa ngawo ngo-Agasti 28 njengoba kungekho osekungavimba ukuthi ube khona kulo nyaka.

Kwikilabhu yaseHollywood bets kukhona uNkosikhona Mhlakwana osayigijime kanye iComrades Marathon ngo-2019, wangena endaweni ka-11. Lokhu akuyona neze into encane uma uqala ukugijima lo mjaho ohlonishwayo emhlabeni.

UMhlakwana unqobe iZululand Ultra Marathon engu-56km ngo-2019, kanti iPrince Mangosuthu Ultra Marathon ka-52km nayo useke wayinqoba. Ayaziwa amagalelo akhe nakwiDeloitte Marathon ayinqobe kabili, kanjalo neBest of the Best ka-42km aludlile ubhedu nakuyona. Ungene endaweni yesibili kwiTwo Oceans Marathon ka-2022 nokungamenza ukuthi aye kwiComrades Marathon enokuzethemba okukhulu.

Lo mgijimi oqeqeshwa uProdigal Khumalo uthe uzolwela ukungena kubasubathi abayishumi abazohamba phambili kwiComrades nonyaka. Ngeke kuthuse kakhulu uma engagcina engena kwabahlanu abahamba phambili ngoba usekhombisile ukuthi usenawo amava kwezokusubatha amabanga amade.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *