UMhlakwana usehlose ukuvelela kwiComrades Marathon

UNkosikhona Mhlakwana
Alfred Ngubane

UNkosikhona Mhlakwana, ophume endaweni yesibili kwiTwo Oceans Marathon ka-2022, uthi ufuna ukuthwala iNingizimu Africa kwiComrades Marathon nonyaka.

Ukhulume kanje kade exoxa neMpempe ngoLwesibili, wathi ubonga kakhulu umdali, noProdigal Khumalo ongumqeqeshi wakhe ngokumnika amaqhinga okwenza kahle ngeSonto.

Uphinde waveza ubudlelwano obuhle anabo noBongmusa Mthembu osenqobe amahlandla amathathu kwiComrades Marathon neTwo Oceans Marathon kanye.

Uthe lo mgjimi uhlale emchushisa kokuningi ngokusubatha. UMhlakwana uphinde waveza ukuthi ugijime amakhilomitha ayisishiyagalombili ehamba phambili, kwathi sekusele amakhilomitha amabili wathi ukwehlisa.

Yilapho evele wavulela khona ngempela Adnadele Belachew wagcina ngokuthi abe ngumpetha omusha weTwo Oceans Marathon.

“Lo mphumela uyangithokozisa kakhulu njengoba engishiye kancane uma ubheka isikhathi,” kusho uMhlakwana.

“UBelachew wenze isikhathi esingu-3:09.05,  kanti mina ngenze isikhathi esingu-3:09.08. Lokho kumina kusho lukhulu.”

Njengamanje lo msubathi akahlonizi ukuthi uzoyithwala iNingizimu Afrika njengoba benzile abasubathi abafana noMthembu, Fusi Nhlapo, Ludwick Mababolo, David Gatebe , Claude Mashiywa, Gerda Steyn, Caroline Wotsman, Charne Bosman, Gift Kelehe, Simon Ngomane, nabanye abaningi.

IComrades Marathon ka-2022 izokuba ngo-Agasti 28, kanti kuzobe kungokokuqala iba khona ngemuva kweminyaka emibili.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *