UMhlakwana usesophe izicoco zemijaho emikhulu

UMhlakwana usesophe izicoco zemijaho emikhulu
UNkosikhona Mhlakwana
Alfred Ngubane 

UNkosikhona Mhlakwane uphokophele phambili ngeemuva kokungena endaweni ka-11 kwiComrades Marathon yakhe yokuqala ngo-2019.

Lo msubathi uthi ufuna ukungena kwabayishumi bokuqala kwiTwo Oceans Marathon yalo nyaka kanjalo nakwiComrades.

Uthi ngeke kumphinde ukuthi angangeni kwabayishumi kwiComrades ngoba wafunda kulokhuya ewugijima okokuqala lo mjaho, wabona la kumele aqinise khona.

Ingwevu engumakadebona kulo mjaho, uWillie Mtolo nayo imbona ezoba ngumpetha uMhlakwana emncoma ukuthi unamandla nenhlonipho uyakwazi ukuzimisela indlela yakhe ibheke empumelwelweni.

UMhlwakwane ushiye kwiMr Price Athletics Club wajoyina iHollywoodbets Athletics Club. Ufika kuleli qembu uphethe izicoco okukhona kuzo esePrince Mangosuthu Marathon neseZululand Marathon.

FUNDA NALA: UMajavu uthi luzophothulwa maduze olweChiefs

Uthi ufuna ukusebenza kanzima ukuthi aqoqe izindondo ezihlonishwayo lapha eNingizimu Afrika nangaphesheya kwezilwandle.

“Kuningi engifuna ukukuzuza la ekugijimeni. Ngiusafuna ukunqoba imijaho emikhulu emhlabeni njengeBerlin Marathon, London Marathon neNew York Marathon,” kusho uMhlakwana.

Uphinde wancoma ukusebenzisana okuhle eqenjini lakhe elisha nokubambisana nolwazi olunzulu.

Uthi bonke abasubathi abakhona ngaphansi kweHollywoodbets Athletics Club banephupho lokunqoba bafuna ihambe phambili bashiye umsizilo oyohlala uxoxwa nayizizukulwane ngezizukulwane.

UMhlwakwane uthulwe nabasubathi abasha okukhona kubo-Anne Ashworth ophuma kwiPhantane Athletics Club, Prodigal Khumalo osuka kwiMr Price Athletics Club nabanye abaningi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.