UMicho usekhonjwe indlela kwiChipolopolo

umicho-usekhonjwe-indlela-kwichipolopolo
UMicho Sredojevic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sebenqume ukuba bahlukane kusekuhle uMicho Sredojevic nabaqashi bakhe iFootball Association of Zambi (FAZ). UMicho ukhonjwe indlela ngoMqgibelo ntambama ngemuva kokubuyela kuleli lizwe esuka eNingizimu Afrika.

Iqembu lesizwe laseZambia, iChipolopolo alenzanga kahle kwiCosafa Cup eqhubekayo eGqeberha kuleli yize lingelinte labebhekiwe. Iphume emzuliswaneni wokuqala.

Yize isitatimende ziFAZ singazivezanga izizathu zokuhlukana kwenhloko nesthanxi phakathi kwabo noMicho, kodwa kungenzeka ukuthi imiphumela engemihle ibe yimbangela. IZambia yehluleka nokungena kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON).

“I-FAZ isingakuqinisekisa ukuthi seyivumelene ngokuthi kuhlukwane ngesihle nomqeqeshi weqembu lesizwe uMilutin ‘Micho’ Sredojevic. Ngemuva komhlangano phakathi kweFAZ nalo mqeqeshi, kuvunyelwene ukuthi ayikho enye indlela ngaphandle kokuthi kwehlukanwe,” kusho unobhala wale nhlangano, u-Adrian Kashala.

UMicho waqashwa kuleli qembu nyakenye kanti iFAZ imfisele okuhle lapho ezoya khona. Wayeqashwe yiFAZ nje wayesanda kuxoshwa kwiZamalek yase-Egypt kulandela imiphumela engemihle.

Wayefike kuyo kade eshiye isigubhukane kwi-Orlando Pirates engazivezanga izizathu. Kwasala kwavela ukuthi kwakunecala lokuthinta owesifazane ngendlela engafanele elalimlandela okwasolakala ukuthi wayelibalekela.

Namanje unecala locansi alihambayo enkantolo yaseGqeberha. Usolwa ngokukhuluma izinkulumo ezinemuzwa wocasni kowesifazane ngesikhathi kuneCosafa Cup nyakenye.

UMicho uyibongile iFAZ ngethuba emnike lona nokumeseka kwayo ngesikhathi eqeqesha iChipolopolo. “Ngiyabonga kubantu baseZambia ngokungeseka kwabo ngezindlela eziningi ezehlukene ngesikhathi ngilapha.

FUNDA NALA: Kungani kubalulekile ukuthi iChiefs iyiwine iChampions League ukukhulisa ibhola lakuleli

“Engikufunde kulesi sikhathi sami ngilapha kwiVhipolopolo ngizokusebenzisa nalapho ngizoya khona futhi ngifisela iZambia konke okuhle,” usho kanje uMicho.

Yize ahamba engavalelisile kwiPirates, kusekhona abalandeli baleli qembu abasamkhalela abafisa abuye. IPirates yayidlala ibhola elihle futhi ibonakala izoba yingozi ngaphansi kwakhe. Ngeke kuthuse uma kukhona abafuna abuyiswe njengoba engasenaqembu nje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.