UMicho uthi thokola themba kwabe-Orlando Pirates

UMicho uthi thokola themba kwabe-Orlando Pirates
UMilutin "MIcho" Sredojevic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates owashiya isigubhukane uMicho (Milutin Sredojevic) uthi abaqine idolo abalandeli be-Orlando Pirates ngoba sekuyalunga.

UMicho wabephula izinhliziyo abalandeli njengoba ahamba sebenethemba lokuthi leli qembu liyahlangana.

Lalikade seliyixine ezithendeni kwaze kwaba kabili iMamelodi Sundowns isiwina sekuvalwe amehlo isicoco seDStv Premiership.

Kodwa kuthe sekumele aqale isizini yakhe yesithathu la kwakuthenjwe ukuthi izinto ziyalunga nakanjani, wavele washiya isigubhukane kusele amahora ambalwa kuqale isizini.

Nokho ekhuluma naseSuperSport TV kuleli sonto lo mqeqeshi odabuka eSerbia uthe usenalo uthando lwaleli qembu futhi uyalilandela impela.

Yingakho ebona ukuthi iqembu seliyahlangana nje futhi akusamele uMandla Ncikazi noFadlu Davids baphazanyiswe.

“Ngijabule kakhulu ngemiphumela yemidlalo emibili edlule njengoba singangenelwanga goli, sashaya amahlanu.

FUNDA NALA: Uyihlinzele ezibini iGalaxy uMakitan

“Sashaya amabili eLiberia (emdlalweni weCaf Confederation Cup) namathathu emdlalweni weligi sibhekene neStellenbosch.

“Uma ubheka lokho, ngiyabona sezijikile izinto manje,” kusho uMicho owayengaconsi phansi kubalandeli.

“Ngakho sonke – noma ngabe sikuliphi izinga noma isikhundla – uma siyithanda ngampela i-Orlando Pirates kumele sibeseke abaqeqeshi.

“Kumele sibeseke siphinde sibavikele abaqeqeshi nabadlali ukuze bezokwazi ukubuyisela iqembu la kumele libe khona,” kuchaza yena.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *