UMiddendorp uncoma izinduku zakhe ezintsha, kuvuselelelwe nabadala

UMiddendorp uncoma izinduku zakhe ezintsha, kuvuselelelwe nabadala
URichard Zumah
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba seyiqedile ngamahlebezi okuthi liyadayiswa iqembu, iMaritzburg United seyiqalile ukuhlomela isizini entsha yeDStv Premiership. Leli qembu laseMgungundlovu bekuke kwaduma ukuthi lisendalini, kodwa ngesonto elidlule usihlalo walo, uFarouk Kadodia wazichitha lezo zinkulumo.

Sekuthe ngoLwesithathu ntambama iMaritzburg yamemezela abadlali ababili ezoqinisa ngabo iqembu njengoba ihanjelwe abanye nje. Kwabashiyile kwiBlue Hearts singabala uPogiso Sanoka noKeagan Buchanan abahambe maphakathi nesizini edlule.

OBandile Shandu, Kwanda Mngonyama noMxolisi Kunene bona bahambe ekupheleni kwesizini edlule. Nokho kubukeka sezivaliwe izikhala zalaba abahambile.

Ngesonto elidlule iMaritzburg imemezele o-Alfred Ndengane, Lifa Hlongwane, Zukile Kewuti noRowan Human njengabadlali bayo abasha. Isiphinde yengeza ngoRichard Zumah noBrandon Theron.

UTheron ubekwiTshakhuma Tsha Madzivhandila, osekuyiMarumo Gallants manje kanti uMiddendorp uncome isipiliyoni sakhe. Uthi ungumdlali ohlezi edlalela iqembu hhayi yena ngayedwana.

“KuBrandon Theron yinto eyaziwayo ukuthi ungumdlali onekhono elihle, uyakwazi ukusiza iqembu lenze kahle. Ngicabanga ukuthi yinto ebalulekile leyo,” kusho uMiddendorp.

“Ukukwazi kwakhe ukudlala izindawo ezehlukene kuzoba wusizo. Ungamdlalisa emuva ophondweni noma esiswini ophondweni noma uhlasele ngaye. Ungumdlali omuhle kakhulu futhi ngijabule ngokuba naye lapha eqenjini,” kuchaza lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: Kulibhimbele elakuleli lika-Under 23 kuma-Olympics

UZumah, oneminyaka engu-24, uzalwa eGhana kodwa ubedlala e-Ivory Coast. “URIchard Zumah akaziwa nhlobo kuleli, udabuka eGhana. Muva nje ubedlala kwiSan Pedro e-Ivory Coast.

“Besilokhu simlandela futhi sikholwa wukuthi uzoba wusizo ngoba indlela adlala ngayo iyahambelana nale esifuna ukudlala ngayo,” kusho lo mqeqeshi owaletha uSamir Nurkovic kuleli.

“Usanda kufika kuleli, uzodinga izinsukwana (ukujwayela) ngoba usemncane. Kodwa ungumdlali ongakwazi ukukhula bese engena egiyeni esilifunayo kuye.

“Senze omuhle umsebenzi buthule, hhayi phambi kwamehlo abantu kulamasonto ambalwa edlule ukubukisisa kahle laba badlali bese sibaletha lapha. Sijabule kakhulu ngokuba nabo eqenjini lethu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.