UMiguel Timm wePirates akumthusanga ukuxebula kwabo iSundowns

UMiguel Timm akumthusanga ukuxebula kwabo iSundowns
UMiguel Timm we-Orlando Pirates

 

UMiguel Timm we-Orlando Pirates uthi akumethusanga neze ukuthi bayibukise nezwe iMamelodi Sundowns.

IPirates ixebule iSundowns ngo 3-0 emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngoMgqibelo.

Bekubhoke uMonnapule Saleng kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane futhi nguye oshaye amagoli amabili. Elinye lishaywe uKermit Erasmus.

Lesi sibhaxu ebesingalindelekile esivulelwe yiPirates sibamangazile abaningi njengoba besale bengawuvali umlomo.

Kodwa uMiguel Timm yena uthi ubekulindele ukuthi akukude baqale ukuvulela induku emaqenjini ngoba bayazikhandla ejimini.

“Akuyona into engithusa kakhulu ukuthi sibashaye ngale ndlela esibashaye ngayo, kuwumphumela nje wezinto esihlale sizenza nsukuzonke,” kusho lo mdlali wasesiswini.

“Sibambisene nethimba labaqeqeshi futhi kuhlezi kusetshenzwa kanzima nsukuzonke yingakho ngithi lokhu izithelo zalowo msebenzi.”

FUNDA NALA: Uyikhombe emathubeni abawayeka eGoli uZwane iChiefs iwasha ijezi

IPirates ivele idlala ibhola elihle kusukela kuqale isizini isingaphansi kukaJose Riveiro kodwa inkinga beyiba uma seyisondela epalini lezitha.

Bekufike kuthombe ukhiye igcine idlale ngokulingana noma idliwe kungafanele. Kodwa ukufika kuka-Erasmus nokunikwa ithuba kukaSaleng sekujike izinto.

“Namuhla besibukhali phambi kwepali yingakho sikhuluma ngo 3-0 nje. Umphumela omkhulu lo futhi uzosifaka umdlandla.

“Siyakwazi esihlose ukukuzuza kanti kuzomele siqhubeke nje ngale ndlela yokusebenza,” kuchaza uTimm ofike kwiPirates esuka kwiMarumo Gallants ekuqaleni kwesizini.

IPirates seyizogadulisana naMaZulu FC kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoNovemba 5. Usuthu lusunduze iKaizer Chiefs endleleni yalo ukuze lufike kowamanqamu.

Kodwa ngaphambi kwalokho izobhekana nomkhaya bayo iChiefs emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo eFNB Stadium eGoli.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *