UMiller ufake iDolphins kowamanqamu koweT20 Challenge

UDavid Miller weDolphins

SIHLE NDLOVU

Ukudlala kahle kukaDavid Miller kuholele ekutheni iHollywoodbets Dolphins izibekisele indawo kowamanqamu weCSA T20 Challenge ozokuba ngeSonto, eKingsmead Cricket Stadium.

IDolphins ishaye i-Imperial Lions ngama-run angu-41, enkundleni efanayo ngoLwesithathu ntambama, yathola nephuzu lebhonasi eliqinisekise ukuthi iyolinda kowamanqamu nakanjani.

UMiller ungene kungahambi kahle kwiDolphins, ewine ithosi yabhetha kuqala, wabeka ebhodini ama-run angu-56. Lokhu kuholele ekutheni iqembu laseThekwini ligcine lihlanganise ama-run angu-151, yize lingaqalanga kahle kahle neze.

Kuke kwabukeka sengathi iDolphins izogcina ingabekanga ama-run atheni ebhodini, ngendlela eqale ngayo kuqathaka amawikhethi, nama-run engavumi ukuhlangana nhlobo.

Abadlali abelekelele uMiller nguKeegan Petersen, oshaye ama-run angu-35 waphuma, noMangaliso Mosehle ohlanganise angu-18 engaphumanga, baze baqeda noMiller.

Iphendula iLions izinto azihambanga neze kahle, kuqathaka amawikhethi ubuthaphuthaphu. UKeshav Maharaj, ongukaputeni weDolphins uvele wabahlasela nge-spin, kushwiba yena uqobo noPrenelan Subrayen. Lokhu kuthele izithelo ezinhle njengoba uMaharaj ethathe iwikhethi eyodwa, kwathi uphathina wakhe uSubrayen wathatha amathathu.

Ukuwa kwamawikhethi ngokushesha kufake ingcindize kwiLions ebizama ukuthola ama-run angu-152 ukuze iwine umdlalo. Ibizama nokuvimba iDolphins ukuthi ithole iphuzu lebhonasi. Aqhubekile nokuwa amawikhethi iLions yaze yazithola ino 82/8 ngemuva kwe-over ka-16. ILions igcine iphume yonke isahlanganise ama-run angu-110. Umdlali owenze kangcono kwiLions nguHendrik “Rassie” van der Duusen oshaye ama-run angu-33.

Akuphelile ngeLions njengoba izodlala umdlalo wokugcina wamaphuzu neCape Cobras ukuze igcine indawo yesibili kwi-log. Nokho kubukeka sengathi izinto zivuna iDolphins njengoba isawine yonke imidlalo emine yeCSA T20, nokuyenze yaqonda ngqo kowamanqamu yize inomdlalo esazowudlala neTitans ngoLwesihlanu.

Ngokomthetho womqhudelwano iqembu eliqeda phezulu liqonda kowamanqamu. Iqembu eliqeda endaweni yesibili neliqeda kweyesithathu, adlala umdlalo wokuhlunga ukuze kuphume elizoya kowamanqamu.

Njengamanje iDolphins inamaphuzu angu-17, kulandele iLions ngawu-12, bese kuba yiTitans ngayisishiyagalombili.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.