UMiller umile izimpande enkundleni esiza amaProteas kunzima

UMiller umele amaProteas kunzima aze agcina enqobile
UDavid Miller
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UDavid Miller uvale ihlazo ebelilengela iNingizimu Afrika ngesikhathi eyitakula kunzima ibhekene ne-Ireland emdlalweni wesibili weT20 eBelfast, ngoLwesine.

UMiller uhlanganise ama-run angu-75 engaphumanga nokuyinto esize amaProteas ukuthi awine umdlalo wesibili ngama-run angu-42.

Omunye umdlali ophinde washaya into ecokeme uTarbraiz Shamsi othathe amawikhethi amathuthu okwesibili kulandelana.

Ukuwina kweqembu lakuleli kuchaza ukuthi selikhale lemuka nochunguchunge lwemidlalo yeT20 yize kusasele umdlalo wokugcina wangoMgqibelo.

INingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala. Kube sengathi izithelile njengoba ukaputeni uTemba Bavuma ephume ngedada kwi-over yokuqala.

Kuphinde konakala futhi kuphuma uJanneman Malan amaProteas azithola ena 2/2 okuyinto ayifake ingcindezi eyisimimanga. Aqhubekile nokuwa amawikhethi iqembu lakuleli lazithola lina 24 sekuwe amawikhethi amane.

Kuvele kwabukeka sengathi amaProteas ngeke afike ngisho ku-100 ngesikhathi kuphuma uQuinton de Kock esenze 27 wama-run kuphela. Nokho ukungena kukaMiller yikona okuzimazise iqembu lakuleli njengoba amawikhethi abelokhu eqathaka kucaca ukuthi ngeke amaProteas awaqede wonke ama-over angu-20.

UMiller udlale kahle ebambisene noWiaan Mulder, owenze ama-rum angu-36, amaProteas ahlanganisa ama-rung angu-159. Iphendula i-Ireland nayo akuyihambelanga neze kahle njengoba ebeqhathaka eqathakile amawikhethi. Umdlali owenze kahle kwi-Ireland uShane Getkate owenze ama-run angu-24.

KwiNingizimu Afrika uShamsi uthathe amawikhethi amathathu, u-Imaad Fortuin naye wathatha amawikhethi amathathu, kwathi uBeuran Hendricks wathatha amabili.

FUNDA NALA: Ubudlelwano bePirates ne-Arrows bulimaza ngapha, bakhe ngale

Nokho okuhlalukayo ukuthi ukaputeni uBavuma nomqeqeshi uMark Boucher, kusamele bahlale phansi bayimunyunge kahle indaba yokubhetha.

Kufanele bazame ukugwema ukuthi kungabi umdlali oyedwa owenza kahle uma kubhethwa. Le nto ifaka ingcindezi kubadlali abashwibayo ngoba bagcina behlanganise ama-run angenele.

Uma kungeyena uDe Kock odlale kahle kuba uMalan. Izolo kube uMiller obese kunesikhathi eside agcina ukudlala kahle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.