UMkhize ufuna ukuluzwa mathupha usizi lwabagijimi abasizayo

UMkhize ufuna ukuluzwa mathupha usizi lwabagijimi abasizayo
USteven Mkhize
Alfred Ngubane

USteven Mkhize oyimenenja ophikweni lokukhangisa nentengiso e-Orange Grove useveze ukuthi uzosubatha iComrades Marathon kulo nyaka.

Le nkampani yaziwa ngokuxhasa imijaho ehlukene KwaZulu-Natal okuyinto esiza kakhulu ikakhulukazi ngesikhathi kade kunendlala yemijaho.

“Ngiyakuthokozela ukugijima lo mjaho omkhulukazi emhlabeni. Ngizizwa nginokuthobeka njengoba ubuhlungu obuzwiwa ngabasubathi ngibuzwa kahle kwamina manje,” kusho uMkhize.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-Orange Grove isingabaxhasi abakhulu beComrades Marathon njengoba ixhase ngamahewu amnandi  nanika amandla iMulti Go.

FUNDA NALA: IBafana idlale ngenqwaba yamathuba ibambana neGuinea

La mahhewu avutshelwe futhi aphekwa eDundee ekomkhulu lalenkampani esizakhele udumo ngokufukula ezemidlalo ezindaweni zasemakhaya.

UMkhize ethi bafuna ukukhiqiza abasubathi abaningi abaphuma ezindaweni ezisemakhaya eKZN abazofana noBongumusa Mthembu noNkosikhona Mhlakwane.

IComrades ayizange igijinywe kule minyaka emibili edlule ngenxa yokuhlasela kwesifo sokhuvethe emhlabeni.

Ukungenela lo mjaho kuvuliwe kuleli viki kanti kunesasasa ngalokho yize bekuke kwaba nezikhalo ngokunyuswa kwemali yokungenela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.