UMkhize ugqugquzela izifunda zeSafa ukuba ziqinise ebholeni lezikole

UMkhize ugqugquzela izifunda zeSafa ukuba ziqinise ebholeni lezikole
UMazwi Mkhize (ophakathi nendawo) ongumengameli weSafa eThekwini
Alfred Ngubane

Umengameli weSafa esifundeni saseThekwini, uMazwi Mkhize usenxenxe omengemeli bazo zonke izifunda eziyisishiyagalolunye KwaZulu-Natal ukuthi nabo baphume bafune abaxhasi.

Ufisa baphinde bagxile kakhulu ekuthuthukiseni ibhola ezikoleni njengoba ethi kulapho kukhona abadlali abanonhlonzo nabangamela kahle iqembu leszwe esikhathini esizayo.

Usho kanjena nje uKhabazela, odume ngokungacashi ngesithupha, bona basanda kuthola uxhaso lwenkampani yokudla iGolden Delight.

Uthi kubalimaze kakhulu ukuba nomdonsiswano nohlangothi obeluholwa ngu-Alpha Mchunu ngoba kwama yonke into ethi bhola nokuhlelwa kwalo kulesi sifunda.

FUNDA NALA: UNdlela usethole indlela yokufukula ezikusubatha emakhaya

“Kwancisha abantu umdlalo abawuthandayo webhola likanobhutshuzwayo. Sisazoletha abaxhasi abaningi kakhulu ngaphansi kweSafa eThekwini.

“Siyafisa kodwa kungabi yithi sodwa esithola abaxhasi kodwa nezinye izifunda ziluthole usizo ukuze kukhule ibhola kuso sonke isifundazwe hhayi kule ngxenye kuphela,” kusho uMkhize.

Uphinde wacacisa ukuthi ibhola lezikole lizosingathwa yiSafa manje kodwa bazosebenzisana nomnyango wezemidlalo nowezemfundo eKZN ukufukula ibhola lezikole.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *