UMkhize uveza izinhloso ze-Orange Grove zokuxhasa abasemakhaya

UMkhize uveza izinhloso ze-Orange Grove zokuxhasa abasemakhaya
USteve Mkhize
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Alfred Ngubane

Ukubona ukugqoza kwamathuba entsheni yasezindaweni zasemakhaya yikho okwenza imenenja yenkampani eyenza ukudla okwenziwe ngobisi, i-Orange Grove uSteve Mkhize asukume.

OkaKhabazela uthi wafaka isicelo kule nkampani ukuthi ixhase imijaho neminye imidlalo ehlukene enika abantu basezindaweni ezinganazinsiza ithuba.

Le nkampani yayingenza njengezinye ixhase izinhlangano zezemidlalo esezaziwa ukuze nayo igibele kulelo dumo.

Kodwa uMkhize uthi lokho kwakungeke kuyifeze inhloso yabo ngokungena ekuxhaseni ezemidlalo.

“Inhloso yokuthi singene wukusiza ngokufukula ezemidlalo ezindaweni zasemakhaya ngaphansi kwamakhosi nasezabelweni.

“Lokhu kungoba sabona zinganakiwe kakhulu njengezindawo zasemadolobheni lapho kuba lula ukuthola usizo kubaxhasi.

“Lapha ezindaweni zasemakhaya kuba ngumqansa ukuthola abaxhasi nokuthi abadlali abazi ukuthi kumele balandele yiphi indlela ukuthola uxhaso.

“Thina siqale umjaho wamahhashi wokutelebhela iDundee July, namuhla isikhulile. Saphinde saqala imidlalo yamakhosi aseMzansi saphinde saxhasa neComrades Marathon.

“Sinabo nabasubathi abanamava esisebenzisana nabo njengoBongumusa Mthembu oyinxusa lale nkampani benoNkosinathi Mhlakwane noSanelisiwe Mbanjwa.

FUNDA NALA: Kunyuse amakhala ukusala kukaFaf noMalan kumaProteas aya kwiNdebe yoMhlaba

“Kuphinde kuthina kube indlela yokuphindisela emphakathini wethu ngokuthenga imikhiqizo yethu. Izandla sizivulile kulabo abadinga usizo ukuthi balekeleleke,” kusho uMkhize.

I-Orange Grove ikhiqiza amahewu, amajusi, amasi namayogathi okuyimikhiqizo etholakala ezifundazweni ezintathu okamanje, iKwaZulu-Natal, Eastern Cape neMpumalanga.

UMkhize naye ubuye abe ngumgijimi kanti ubekhona kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon okungeminye yemijaho yasemakhaya abayixhasile.

Lo mjaho uqala eNquthu bese uphelela eDundee kanti unamabanga ehlukene. Kuwine uMhlwakwana kowangeSonto elidlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.