UMkhwanazi usejoyine iSuperSport, ukuba wuqhwayilahle kumkhulisile

UMkhwanazi usejoyine iSuperSport, uthi ukungabi naqembu kumkhulisile
UBuhle Mkhwanazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: SuperSport United 

Isitobha esisha seSuperSport United uBuhle Mkhwanazi sithi isikhathi abesihleli engadlali besinzima kodwa simkhulisile.

UMkhwanazi akazange adlale ngesizini edlule njengoba ebesesembangweni wenkontileka neqembu lakhe lakudala iBidvest Wits.

Ngesikhathi kudayiswa isitifiketi seWits, uMkhwanazi wasala dengwane. Abaphathi beTshakhuma Tsha Madzitshandila bambonga yena nabanye ozakwabo.

Bakhala ngokuthi ngeke bakwazi ukuqhubeka nokubaholela le mali abebeyithola kwiWits. Abanye basheshe bazitholela amaqembu.

Yena akalitholanga ngoba wayesenenkontileka yesikhathi eside neWits. Kodwa leli qembu lanqaba ukumkhokhela izimfanelo kwaze kwafakwana ezinkantolo.

Kodwa konke lokho sekudlulile manje njengoba uMkhwanazi esengumdlali weSuperSport futhi uthi uyakujabulela lokhu.

“Kuwumuzwa omnandi ukuba seqenjini elifana neSuperSport,” kusho uMkhwanazi ngemuva kokumenyezelwa ngoLwesithathu.

“Ukukhuluma iqiniso nje, yilona qembu leli ebengifisa ukudlala kulo. Lokho kwenze isinqumo sami saba lula ngenxa yendlela leli qembu eliphethwe ngayo.

“Izindebe eselizinqobile nendlela elizilwela ngayo kube ngezinye zezinto ezenze kwaba lula ukuza lapha,” kuchaza uMkhwanazi.

Ngesikhathi abengekho ngaso ebholeni, uthe: “Kumele ngibonge uMdali ngokubuya ebholeni. Bekungelula futhi kuningi engibhekane nakho.

“Nokho kungikhulisile kwangenza ngaqina. Kungikhulisile njengomdlali kwaphinde kwangidodisa kwangifundisa ukuthi ngenze njani empilweni uma izinto zibhimba.

Umqeqeshi wakhe kwiSuperSport, uKaitano Tembo, uthe into abamtahndela yona wukuthi uziphethe kahle futhi uzoba yisibonelo esihle kubadlali abasebancane eqenjini.

FUNDA NALA: USibusiso Zuma weluleka uLuther SIngh kokuzomenza athandwe naye kwiCopenhagen

“UMkhwanazi uzofika nenqwaba yesipiliyoni eqenjini okuyinto esiyidingayo. Ungumfana okholiwe, uzithobile futhi uyahlonipha.

“Uzoba yisibonelo esihle kubafana abancane. Ngesikhathi sifaka oTebogo Mokoena noSipho Mbule eqenjini, kwakukhona uDean Furman noReneilwe Letsholonyane ababaqinisa ukhakhayi.

“Sifuna ukwenza into efanayo nangoLuke Fleurs noKeenan Phillips kanti uMkhwanazi uzodlala leyo ndima yokubakhulisa,” kusho uTembo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.