Sbongs Gumbi
Owayengumdlali we-Orlando Pirates naMaZulu uXola Mlambo usenekhaya elisha nengoba esesayine kwiTS Galaxy.
Lo mdlali wasesiswini onekhono elihle futhi oneminyaka engu-31 ubengomunye wabadlali abebenza kahle kuMaZulu nokuthuse abaningi ukudedelwa kwabo.
Ngemuva kokudedelwa kwakhe oSuthiwni, uMlambo uke wamataniswa namaqembu amaning ehlukene okukhona kuwo neCape Town All Stars ake wadlala kuyo phambilini.
Uke waphinda wakhonjwa kwiSuperSport United kulandla ukuqashwa kukaGavin Hunt kuleli qembu. Babeke basebenza ndawonye phambilini kwiBidvest Wits.
UHunt kuthiwa ubebheke ukubuyisa uThabang Monare noma uMlambo kwiSuperSport nengoba beyazi kangcono indlela afisa kudlalwe ngayo.
Nokho sebemphunyuke bobabili laba badlali njengoba uMonare esebuyele kwiPirates eyayimdedelile ngoba ithi akuvunyelwananga ngokuvuselelwa kwenkontileka.
FUNDA NALA: Owe-Arrows uzincoma ngokuthi banika abadlali abangaziwa ithuba lokuziveza
NoMlambo ngeke esamthola njengoba esesayinwe yiTS Galaxy emethule ngokusemthethweni ngoLwesine ekuseni.
“ITS Galaxy inenjabulo ukumemezela ukuthi seyisayine uXola Mlambo,” libhale kanje leli qembu ezinkundleni zalo zokuxhumana.
“Lo mdlali wasesiswini onekhono elimangalisayo useqalile ukuziqeqesha neqembu. Siyakwamukela emndenini weRockets Xola.”