UMlambo ushiye iSABC wabuyela kwiSuperSport

UMlambo ushiye iSABC wabuyela kwiSuperSport
UThomas Mlambo
OkaDonga Gumbi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa lomunye wabethuli bezinhlelo zezemidlalo abaphambili kuleli uThomas Mlambo ngesikhathi iSuperSport imemezela ukuthi ‘ubuyela ekhaya’ ngoLwesihlanu.

Lokhu kuqagela bekuqale ngemuva kokuthi iSABC, abesebenza kuyo kule minyaka embalwa edlule, imemezele ukuthi useyishiyile ngeviki elidlule.

Esitatimendeni esikhiphele abezindaba, iSuperSport ikuqinisekisile ukuthi uMlambo usebuyela kuyo kwazise wayevele ewuqale khona lo msebenzi wakhe.

“UThomas Mlambo ubuyela ekhaya lompetha ngasekuqaleni kwenyanga ezayo,”  kusho lesi sitatitemnde. 

“Lo makadebona womsakazi wezemidlalo obuye abe yingapheli yebhola lezinyawo nguye ozoba sekhaleni ezinhlelweni zebhola.

“UMlambo unamava amakhulu, okubalwa kuwo nokusakaza iNdebe yoMhlaba, izinhlelo zemiklomelo nemidlalo emikhulukazi.”

FUNDA NALA: Isiphinde yabekwa elinye icala iKaizer Chiefs

Isikhulu esiphezulu kwiSuperSport uMarc Jury uveze ukuthakasa kwakhe ngokubuya kukaMlambo.

“UThomas uyisibonelo nesikhangiso sokuwenza ngokuzinikela ngaso sonke isikhathi umsebenzi wakhe futhi uyinsizwa enamancoko amahle.

“Sesikubheke ngabomvu ukumbona esebuyele ekwenzeni lento ayenza kahle kunazo zonke,” kusho uJury.

“ISuperSport yilapho ngaqala khona umsebenzi wokwethula ezemidlalo kumabonakude futhi ithuba lokubuyela khona liyangikitaza impela,” kusho uMlambo.

“Sengikubheke ngabomvu ukuxhumana nababukeli kuyo yonke i-Afrika nokuba yingxenye yenkampani engenye yeziphambili ekusakazweni kwezemidlalo emhlabeni jikelele.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *