UMlambo uveza obekwenza angadlali ngesikhathi sikaBenni kuMaZulu

UMlambo uveza obekwenza angadlali ngesikhathi sikaBenni kuMaZulu
UXola Mlambo
Alfred Ngubane 

UXola Mlambo ubona limfiliba ikusasa lakhe kuMaZulu FC njengoba ephelelwa yinkontileka ngoJuni kanti abaphathi abakayithi vu eyokuvuselela.

Lo mdlali obengadlali njalo ngesikhathi leli qembu lisaphekwa uBenni MacCarthy, uthi ubengalimele kuyikho ukuthi lo mqeqeshi ubengayithandi nhlobo indlela adlala ngayo.

“Angikaze ngilimale futhi nasejimini bengiza nje zonke izinsuku. Mhlawumbe umqeqeshi nje obengayithandi indlela engiyiyona njengomdlali,” kusho yena.

UMlambo usengomunye wabayiqalayo imidlalo njengoba leli qembu seliqeqeshwa nguBrandon Truter futhi uthi uzizwa ekahle njengoba lo mqeqeshi engakhethi phela emasini uma eqoka iqembu.

Akaqali ke uMlambo ukubhekana nesimo sokungathandeki kumqeqeshi njengoba uke wabhekana naso kuGavin Hunt ngesikhathi ekwiBidvest Wits nokwagcina ngokuthi ashiye ajoyine i-Orlando Pirates.

Nalapho wafika walithola ijezi kodwa kwathi ngokuhamba kwesikhathi wagcina esekhonjwa indlela, wabe esevumbuka Osuthwini.

FUNDA NALA: Kwenzeke ubulungiswa kuqokwa abemiklomelo yePSL kulokhu

Efika Osuthwini uMlambo wadlala indima enkulu njengoba ngesizini yokuqala bakwazi ukufaka iqembu endaweni yesibili kwiDStv Premiership okwenza ingene emidlalweni yeCaf Champions League.

UMlambo ungomunye wabadlali abadlala ibhola elithandwa ngabantu baseNingizimu Africa njengoba uyakwazi ukuyichathaza kanti nomjiko wakhe muhle.

Uphinde waveza nokuthi bafunde lukhulu kwiChampions League njengoba bonke bebeqala ukudlala kulo mqhudelwano.

“Ibhola lase-Afrika lisezingeni eliphezulu kakhulu, kumele iqembu libe nemali eyanele kanjalo nabadlali abaningi njengoba abadlali bayakhathala bathole namakhadi.

“Lokho kugcina sekulicindezela iqembu uma lingenabo abadlali abenele, bese liba buthaka kungalihambeli kahle.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.