Umlandeli ukhala ngababashaya emuva kwendlebe ngethikithi leRoyal AM neChiefs

Sihle Ndlovu

UmlandeIi obedinwe eqhuba ushayele Impempe ucingo ekhononda ngokuthi kukhona abadayisa amathikithi omdlalo weRoyal AM neKaizer Chiefs ngemali engaphezulu.

Ithikithi lokubuka umdlalo weDStv Premiership liba ngu-R40 kuyo yonke imidlalo. Nokho lo mdlandeli uthe egalaji abebethenga kulona eChatsworth kuthiwa ithikithi lingu-R45 yize belibhalwe ukuthi lungu-R45.

“Bayasixhaphaza laba. Ithikithi libhalwe R40 kodwa bona bathi liwu-R45. Iyasicasula kakhulu le nto abayenzayo,” kusho lo mlandeli.

Impempe ihlohle ucingo kwimenenja jikelele yezokuxhumana kwiPremier Soccer League (PSL), uFhatuwani Mpfuni, olubambile ucingo kodwa wangasiza ngalutho. Umbuzo bekuwukuthi kuvunyelwe yini lokho kubantu abadayisa amathikithi emidlalo yePremiership.

“Inkinga ayikho kuwena bhuti ukuthi angizwa kahle lapho ngikhona ngenxa yomsindo,” uphendule kanje kucaca ukuthi akanasikhathi.

Kwale noma intatheli seyithumela umlayezo nge-Whatsappp akangaphendula umfo kaMpfuni. Umdlalo phakathi kweRoyal AM neChiefs uqala ngo-5 ntambama eChatsworth Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.