Umlando uLusanda eba yimenenja yokuqala yesifazane kumaSharks

Umlando uLusanda eba yimenenja yokuqala yesifazane kumaSharks
ULUsanda Mtiya
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ICell C Sharks iqoke imenenja yesifazane okokuqala ngqa njengoba ilungiselela isizini entsha yeCarling Currie Cup ka-2022.

ULusanda Mtiya uyena ozoba yimenenja yeqembu ngesizini entsha yeCurrie Cup.

UMtiya ulazi kahle ibhola lombhoxo njengoba eke wadlalela amaBhokobhoko neqembu laKwaZulu-Natal labesifazane lebhola lombhoxo.

“Ukuqashwa kukaLusanda kusho lukhulu ngokuzinikela kweSharks ukuveza amathuba alinganayo nakwebesifazane kwezemidlalo,” kusho isikhulu esiphezuluseSharks u-Eduard Coetzee.

“Ukuba khona kwakhe kuzofana nokumeleleka kwabo bonke ubulili ezinhlakeni zethu zebhola lombhoxo.”

Empeleni iSharks izoqala isizini entsha yeCurrie Cup izinto zishintshile ebhentshini layo, ngoba izobe idlala imiqhudelwano emibili ngesikhathi esisodwa.

U-Etienne Fynn uyena ozoba yinhloko yabaqeqeshi kwiCurrie Cup. Uzolekelelwa yinkunzi yeSharks namaBhokobhoko uJP Piersen ozoba yiphini lomqeqeshi.

Bobabili laba baqeqeshi bazolekelelwa abanye abaqeqeshi abazoza nokuthanda ukwehlukuka kula mava abanawo. Labo oWarren Whitely (umqeqeshi wama-lineout), Phiwe Nomlomo (ozogxila ekuphasweni kwebhola), John McFarland (umqeqeshi wabadlali basemuva) no-Aksventi Giordadze (ozoqeqesha abe-scrum).

“Sinethemba lokuthi u-Etienne, uJP nabanye abaqeqeshi abazobambisana nabo, bazosilethela isikwati seCurrie Cup esihle.

“Sizimisele ngokubasiza ngayo yonke indlela ukuze baphumelele,” kusho uCoetzee.

Ayisikhombisa amaqembu azodlala kwiCurrie Cup ngonyaka ozayo kanti kuzodlalwa imidlalo engu-12, ekhaya nasekuhambeni.

ISharks izovula le midlalo ngokubhekana neTafel Lager Griquas, eKings Park Stadium, ngoJanuwari 19.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.