UMmodi uvuma eyokuthikanyezwa amahlebezi okufunwa yiChiefs

UMmodi uvuma eyokuthikanyezwa amahlebezi okufunwa yiChiefs
UPule Mmodi
Alfred Ngubane

UPule Mmodi, ongumdlali waseswini weGolden Arrows uthi usekwamukele ukuhlala kuleli qembu yize inhliziyo ibike yafisa ngesikhathi kunamahlebezi athi ufunwa yizinkunzi zaseGauteng.

Kuke kwanamahlebezi athi uMmodi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs. Uthi lokho kumlimazile kakhulu njengoba engadlalanga kahle emidlalweni embalwa yokuqala kwesizini.

Nokho usheshe wakudlulisa lokho, wabeka umqondo wakhe ekwenzeni umsebenzi wakhe kwi-Arrows njengoba eseshaye amagoli amane.

“Khona kuke kwangikhuba impela emoyeni futhi kwayiphazamisa nendlela engidlala ngayo. Kodwa ngibuye ngakhumbula ukuthi isikhathi sakho asikafiki,” kusho uMmodi.

Lo mdlali usekhombisile ukuthi ungumdlali onekhono eliphezulu. Nguyena ukhiye we-Arrows njengoba kunguye umvusi wenyamazane kuleli qembu.

Khonamanjalo umqeqeshi we-Arrows uVusimuzi Vilakazi uthi iPrinces Magogo Stadium bafuna ukuyenza u-alibhadwa njengoba befuna ukucoboshisa kwasani emidlalweni yabo yasekhaya.

Uphinde waveza ukuthi uhlelo lwabo lokuhlohla amagoli luhamba kahle kakhulu noma kusekhona amaphutha amancane asekhona.

FUNDA NALA: UMbule ufuna iSundowns ibambe umgqigqo wokuwina

“Ngasohlangothini lwasemuva, sisazama ukuhlanganisa ukuthi singangenelwa amagoli kungenasidingo,” kusho uVilakazi.

I-Arrows icoboshise iSwallows FC ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama ePrincess Magogo.

Lo mphumela sewenze usihlalo weSwallows uDavid Mogashoa abizele umqeqeshi uDylan Kerr umhlangano ophuthumayo la kulindeleke ashenziswe khona ngoMsombuluko.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *