UMmodi uweze i-Arrows ibuyisela iChippa ezembeni

uMmodi
UPule Mmodi
UMBIKO: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter 

UPule Mmodi ushaye igoli okuyilo elisize iGolden Arrows yaguqisa iChippa United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premierhsip ngoMgibelo ntambama.

Lo mdlalo bewuseNelson Mandela Bay Stadium kanti ukuhlulwa kweChippa kuwo kuyishiye isahleli endaweni ka-13.

Leli qembu elisanda kumisa uGavin Hunt obengumqeqeshi lafaka uKurt Lentjies endaweni yakhe lisaqoqe amaphuzu ayishumi emidlalweni engu-12.

IChippa iphambili ngamaphuzu amabili kuphela kwiSwallows FC esayibambe emsileni njengamanje.

I-Arrows yona yenyukele endaweni yesishiyagalombili ngalo mphumela njengoba isinamaphuzu angu-18.

Abafana Bes’thende basheshe bangena egiyeni kulo mdlalo njengoba beshaye igoli ngomzuzu wesithupha.

Leli goli lishaywe nguMichael Gumede ngemuva komuhle umnyakazo we-Arrows.

Bawakhile amanye amathuba kodwa neChippa beyingazibekile phansi njengoba beyifuna indlela yokubuya kulo mdlalo.

Beyihlasela kube kubi ikakhulukazi ngamabhola amade abefuna uBienvenu Eva Nga obewazama ngekhanda kodwa kwale inhlanhla.

Ugcine elitholile nokho ngomzuzu ka-34 ngesikhathi elinye lamabhola amade ligcine kuye lo mgadli wabe eselinamathisela enethini.

FUNDA NALA: IFifa isichithile isikhalo seSafa ngomdlalo weBafana neGhana

Kuyiwe ekhefini zibambene ngo 1-1 kodwa kuthe zisanda kubuya nje i-Arrows yalithola elesibili.

UThabani Zuke ushaye iphasi ende ibhola lakhe lahlangana noPule Mmodi obe eselibeka enethini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.