UMncwango wethembisa ukwesekwa kweNongoma FC ngumasipala

UMncwango wethembisa ukwesekwa kweNongoma FC ngumasipala
Imeya ywakwaNongoma u-Albert Mncwango nabeNongoma FC
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

Imeya yaKwaNongoma u-Albert Mncwango ithembisa ukuyeseka iNongoma FC esanda kunyukela kwiKZN ABC Motsepe League.

UMncwango usho lokhu ngesikhathi kunomcimbi wokubungaza leli qembu elenze ezibukwayo emidlalweni yokuhlunga yeSAB League.

Kugcina kuba yilo elinyuselwa esigabeni esilibeka eduze nokuthi lifike kwezikhokhelayo ebholeni lakuleli.

“Sifisa ngayo yonke indlela ukuneseka ngoba nenze uNongoma waziqhenya ngani.

“Nokho isimo esingaphansi kwaso senza kube nzima ukuthi selule isandla ngendlela esifisa ngayo,” kusho UMncwango.

“Ngiyazi ukuthi iMaritzburg United yesekwa ngokuphelele umasipala wayo.

“Siyazi futhi ukuthi iRichards Bay FC yesekwa ngokuphelele umasipala emakhele. Nathi sizozama ngokwamandla ethu ukwenza okufanayo.”

FUNDA NALA: IRoyal AM ikhipha isibhongo ngesibhaxu esivulelayo

Umasipala wakwaNongoma unikele kwiNongoma FC ngama-track suit angu-25, amajezi amabili, elokudlala ekuhambeni nelasekhaya namabhola angu-17.

Imeya iphinde yanika leli qembu isitifiketi ilihalalisela ngokuthi selizoyibamba kwiMotsepe League.

UMncwango uveze nokuthi inkundla iMona Stadium seyilungisiwe futhi inazo zonke izinsiza zokuthi kudlalelwe kuyona.

Lokhu kuchaza ukuthi iNongoma FC ngeke ilokhu ibamba iyeka ngokuthi izoyidlalela kuphi imidlalo yasekhaya.

Imeya iphethe ngokuthi sekusungulwe iligi emazingeni aphansi ukuze kuvundululwe ikhono kubantwana abasakhula.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.