Umndeni awuzikholwa izinsolo ngoMaselesele oshone ngempelasonto

Umndeni awuzikholwa izinsolo ngoMaselesele oshone ngempelasonto
ULucky Maselesele esadlala
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Umndeni kaLucky Maselesele uthi ufuna ubufakazi bokuqiniseksia izinsolo zokuthi ubentshontsha izintambo zikagesi okusolwa ukuthi yikho okwenze abulawe kuhle kwenja ngempelasonto.

UMaselesele owayengumgadli edlala kwiKaizer Chiefs phakathi kwamanye amaqembu phambilini, ushone ngemuva kokushywa amalungu omphakathi e-Alexandra eGoli. Ubeneminyaka engu-41.

Ngokombiko weScrolla.Africa, uMaselesele ubeseziphilisa ngokweba izintambo zikagesi nezinye izinto ezinekhopha ukuze adayise bese ethola imali yokuthenga izidakamizwa.

UMamncane kaLucky, uMaria Masize nokho uyakuchitha ukuthi indodana kadadewabo beyisiphenduke iphara wathi ucela beze nobufakazi balokhu.

“Asiyazi into ebangele ukuthi ahlaselwe ngoba akekho osaphumele obala wasitshela ukuthi uhlaselelweni,” ucashunwe esho kanje uMasize.

Kuthiwa ushaywe amadoda amane abemjikijela ngamatshe nezitini aze amshiya ngoba esephelelwe amandla esigangeni.

“Iningi lamatshe abebemjikijela ngawo abephelela ekhanda kuwe futhi belibukeka lifoqokile futhi livuvukele.

“Lokhu sikubone sesiyokhomba isidumbu eHillbrow la sigcine khona emakhazeni kahulumeni.

“Bamshiye khona lapho emgwaqeni abebemshayela khona ekhala ecela ukulanyulelwa.

“Babuye babuya sebehamba nezinja ezingamabhova bazidedela ukuza nazo zizenzele kuye.

“Zithe zimluma izinja nabo babe beqhubeka bemkhanda ngamatshe.

“Abosizo lokuqala namaphoyisa bafike sekwedlule isikhathi, bathola ukuthi useshonele khona lapho.

“Kuyacaca ukuthi bebehlose khona ukumbulala. Bengahamba kanjani beyolanda izinja ukuba zimqedele?

“Ukube bekungenxa yokuthi ubegqekezile njengoba abanye besho nje, ngabe sekukhona esikuzwile ngamaphoyisa.

“Ngabe kukhona okutholakale kuye abekuntshontshile, kodwa sesozwa ngamaphoyisa,” kulanda uMasize.

FUNDA NALA: UMokwenza uncoma ukuzinikela kwabeSundowns izimo zibachitha eCongo DR

Uthe uLucky ushona nje ulandela unina uSophia Maselesele oshone emavikini amathathu edlule nathi bebesondelene kakhulu naye.

“ULucky ubengumfana kanina . Umama wakhe ubemthanda ukufa. Naye ubemthanda unina.

“Kusukela kwashona unina ubengekho muhle nje vele. Kwamphazamisa kakhulu emoyeni.”

Uthe uma kuliqiniso ukuthi ubeselisela uLucky, bacela abanobufakazi babuveze ukuze nabo bezobhodla njengomndeni.

“Njengomndeni sicela ubufakazi obuqinisekisa ukuthi ubeyisela kulabo abathi ubesentshontsha izintambo zikagesi.

“Mhlawumbe amaphoyisa asenabo vele lobo bufakazi. Asazi kodwa besifisa ukubuthola nathi ukuze sibhodle.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *