Umndeni ukhungathekile ngomdlali oduke eyohlolwa ikhono phesheya

Umndeni ukhungathekile ngomdlali oduke eyohlolwa ikhono phesheya
UThulani Cele ngesikhathi eyohlolwa kuMaZulu FC eminyakeni embalwa edlule
Sbongs Gumbi

Umndeni kaThulani Cele waseMlazi, nowayeyingxenye yeKe Yona team search, ukhungathekile kulandela ukunyamalala kwalo mdlali kade eyohlolwa ikhono eGeorgia.

UCele, owathathwa AmaZulu ngemuva kwalolu hlelo lweNedabank Cup, uke wadlala nakwiTS Sporting kanti ushiye umndeni wakhe ungazi wenzenjani njengoba ungamazi uphelelephi.

Uyise, uBongani Cele, utshele abeSport On kwiSAfm ngoMsombuluko kusihlwa ukuthi akasazi bazothathani bahlanganise nani ukuze basizakale bathole ingane yabo.

“Singumndeni sesikhathazekile ngokunyamalala kukaThulani. Wahamba ngoMeyi 4 eyohlolwa ikhono eGeorgia,” kuchaza uCele omdala.

“Kuthe ngoJuni 3 sathola ucingo esitshela ukuthi uyabuya kodwa akazange afike ekhaya. Sabe sesithola ucingo olusuka khona eGeorgia besitshela ukuthi uboshiwe. 

“Asikaze ke sizwe lutho ngaye kusukela lapho.”

Ube esechaza ukuthi uThulani uhamba nje wayehlelelwe imenenja yabadlali eyayisebenza kwiKe Yona ukuthi ayohlolwa yiGagra FC.

“Imenenja ebizwa ngoBaggio eyayikwiKe Yona, iyona eyahlela lolu hambo lukaThulani. Kodwa umndeni owahlanganisa imali yokukhokhela zonke izindleko.

“Sakubona kungafanele lokho. UThulani wasitshela ukuthi unezinkinga ehhotela ayehleli kulo ngoba uBaggio akazange alikhokhele.

“Wayesifonela ekhala ethi akadli kwakudla kule ndawo ahleli kuyo. Kwathi uma efika laphaya kwathiwa iqembu alikho endaweni liyodlala ekuhambeni ngakho ngeke akwazi ukuzicija nalo.

“Wabe esetshelwa nokuthi umqeqeshi obekhona uxoshiwe ngakho kuzomele alinde kuqashwe omusha ukuze akwazi ukuhlolwa. Kwagcina kungenzekanga kwalokho.”  

FUNDA NALA: USithebe noMahlatsi bazokhumbuza abalandeli beChiefs izikhathi zoYeye noShabba

Uthe sebezame konke ukuthola usizo kodwa akuveli lutho kanti okubaxakayo wukuthi omunye umdlali ayehambe naye yena wabuya.

“Umndeni usuzame konke. Sifonelile kuhulumeni waseNingizimu Afrika satshelwa ukuthi abanawo amahhovisi enxusa eGeorgia.

“Kumanje asazi senzenjani, yingakho sesithe asizokhala lapha emsakazweni nje. Isimo sibi ekhaya, asisakwazi nokulala kahle ngoba asazi kwenzekeni enganeni yethu. 

“Sakhokhela yonke into ngisho nethikithi lokuthi abuye. Kodwa kubukeka sengathi akazange angene endizeni okwakumele abuye ngayo.

“Wasitshela ukuthi akadli ngakho usenqume ukubuya ekhaya. Esingakuqondi wukuthi kunomdlali obizwa uMasego ayehambe naye uThulani.

“Lo mdlali wayehlala noThulani endaweni eyodwa kodwa yena wakwazi ukubuya esuka eGeorgia kodwa uThulani lutho,” kuchaza uCele.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *