Umngani owayedlala noPhungwayo uyamphikela ebugebengwini

Umngani owayedlala noPhungwayo uyamphikela ebugebengwini
UPatrick Phungwayo
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Omunye wabangani bakaPatrick Phungwayo nowake wadlala naye kwelinye lamaqembu ePSL uyamphikela emacaleni asolwa ngawo.

Lo mngani, ongathandanga ukuvezwa ngokubika kwePhakaaathi, uthi uPhungwayo yindoda eqotho enomndeni ngakho akaboni engenza lezi zinto asoleka kuzo.

UPhungwayo uboshwe amaphoyisa ngeviki elidlule ngemuva kokubanjwa oqotsheni ehamba ngemoto eyebiwe futhi elayishe nezimpahla ezebiwe.

Ngokombiko wamaphoyisa wayehamba nomunye umsolwa ngesikhathi bemiswa amaphoyisa kanti azothola ukuthi bahlomile futhi baphethe nempahla eyebiwe.

“Akufani nhlobo nje no’Boca’ lokhu. Uma umazi uzokwazi ukuthi akayona leyo nhlobo yomuntu ongaze enze ubugebengu obunjena.

“Ngicabanga ukuthi kusazocaca kahle ngalolu daba kuvele iqiniso ngoba angikholwa ukuthi uyena ngoba uyindoda enomndeni.

FUNDA NALA: UDavids uncoma uCollins Makgaka ‘ovuse iPirates’ 

“Unomfazi nengane angicabangi ukuthi engabeka izimpilo zabo engozini ngokwenza lobu bugebengu asolwa ngabo,” ucashunwe esho kanje lo mngani.

Akathandanga ukuba kuvezwe igama lakhe kodwa uphike neyokuthi uPhungwayo usewulopholo.

“Ngibonile nje ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba kuthiwa akasenamali.

“Akulona iqiniso lokho. Usame kahle nje kwezezimali. Uyakwazi ukufeza izidingo zomndeni wakhe kahle nje.

“Sengijahe ukuthi idlule yonke lento ngoba imveza njengomuntu omubi nje.

“Kodwa engineqiniso lakho kukodwa; wukuthi akanacala.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.