UMngonyama uyabathimulisa abalandeli bePirates

UMngonyama uyabathimulisa abalandeli bePirates
UKwanda Mngomnyama
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kunabalandeli be-Orlando Pirates abashaya amakhala ngabanye babadlali abasha baleli qembu, baphuma iqhubu noKwanda Mngonyama.

Laba badlali bethulwe ngokusemthethweni kuleli qembu ngoMsombuluko ngesikhathi liqala amalungiselo alo esizini entsha. Abanye babalandeli bahlulekile wukufihla ukungeneliseki kwabo ngezinga lalaba badlali.

IPirates imemezele abadlali abane abasha. UMngonyama, obekwiMaritzburg United; Goodman Mosele, obegijima kwiBaroka FC; Monnapule Saleng, obehlohla amagoli kwiFree State Stars noBandile Shandu obegijima kwiTeam of Choice.

Okucacayo lapha ukuthi yize abaningi bethi bonke laba badlali akubona abadlali ababathatha njengabaphezulu kodwa abaphuma naye iqhubu uMngonyama.

Lo mdlali wasemuva maphakathi nenkundla, ufike kwiBucs mahhala benoShandu njengoba izinkontileka zabo zingavuselelwanga kuleli qembu laseMgungundlovu abebekulo.

Abalandeli abaningi beBucs abafunde udaba lokusayina kwabo kwi-impempe.com. Babe sebekhala ngakho kona lokho ukuthi laba badlali azivuselelwanga izinkontileka zabo eMphithi kodwa iBucs yabacosha, yabasayinisa izinkontileka zeminyaka emibili nohhafu umuntu emunye. Kodwa abayizwa kakhulu ekaMngonyama.

“Uma ungathatha uMngonyama uthi akadlale noTyson (Thulani Hlatshwayo), siyobhubha nya,” kusho omunye wabalandeli bePirates ekhasini le-impempe.com likaFacebook.

“Angazi ngempela babonani kuMngonyama. Kimina awukho umehluko azowenza kwiPirates,” kunezezela omunye wabalandeli. “Yizibabuli zabadlali lezi ezisayiniswe yiBucs?” kubuza omunye.

Ukhona nokho uzwakale enethemba ngoMngonyama: “Mina ngibona kungcono ukuthi anikwe ithuba (uMngonyama).”

UMngonyama (27) ungomunye wabadlali abanekhono kakhulu iNingizimu Afrika esike yabakhiqiza. Lo mdlali wasemuva, awangakatshazwa amagalelo akhe ebholeni laseMzansi njengoba esedlalele amaqembu amaningi.

Usayine kwiMamelodi Sundowns esemncane. Nokho kuleli qembu akadlalanga nowodwa umdlalo wabolekiswa kwiBidvest Wits adlale kuyona imidlalo engu-22 ngesizini ka-2013/14. Ube esebolekiswa kwiTeam of Choice ngesizini ka-2014/15 lapho edlale khona imidlalo engu-25.

FUNDA NALA: Kusize i-Euro 2020 ukuvala isizungu sebhola kuvalwe isizini

Uphinde wahlala kwiMaritzburg ngesizini ka-2015/16 (ebolekiswe yiSundowns) wadlala imidlalo engu-24. Uqhubekile nokubokekiswa ngesizini ka-2016/17, khona eMphithi wadlala imidlalo engu-23.

ICape Town City imlandile ngesizini ka-2018/19 wafike wadlala imidlalo engu-21 kuyona. Ugcine ukubonakala kwiMaritzburg lapho edlale khona imidlalo eyisishiyagalombili. Useke wadlala nakwiBafana Bafana imidlalo emihlanu, kanti nakwi-Under 23 unemidlalo emihlanu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *