UMngqonyama uzodlala okokuqala kwiPirates koweConfed Cup

UMngonyama uzodlala okokuqala kwiPirates koweConfed Cup
UMandla Ncikazi noTshegofatso Mabasa no-Olisah Ndah
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isitobha se-Orlando Pirates esisayine ekuqaleni kwale sizini uKwanda Mngonyama ubesecishe wakhohlakala njengoba ebengabonwa emidlalweni yaleli qembu.

Kusukela kuqale isizini uMngonyama ubengabonakali kwaze kwadlala u-Olisah Ndah osayine kamuva kunaye eqhamuka eNigeria.

Kodwa kubonakala isineke sakhe sesithelile njengoba eqokwe eqenjini elizoqala umdlalo uma iPirates seyigadulisana neDiables Noirs yaseCongo Brazzaville ngoLwesihlanu.

Lamaqembu azobe evovana inkani emlenzeni wokuqala wesigaba sokuhlunga kwiCAF Confederation Cup.

IPirates iyona eqale ekuhambeni kanti umdlalo wesibili uzobe ube semavikini amabili ezayo e-Orlando Stadium eGoli.

Kuphinde kwabuya noBongani Sam eqenjini eliqala umdlalo kanti uzodlala indawo angajayelekile ukuboshelwa kuyo.

USam uzodlala emuva maphakathi nenkundla njengoba uThulani Hlatshwayo esebhentshini kulo mdlalo.

Esiswini kuqale oSiphesihle Ndlovu, Fortune Makaringe noNtuthuko Mabaso okuyibo okubhekwe bakhe amathuba.

FUNDA NALA: Umasipala usubika imbiba, ubike ibunzi ngemali yabasubathi

Phambili ihlasela ngabathathu kanti nabo bashintshe kakhulu kunalaba abebebonakala emidlalweni embalwa edlule.

Kukhona uTshegofatso Mabasa, Bandile Shandu noKabelo Dlamini. Leli qembu eqala ngalo lo mdlalo iPirates belingakaze lidlale ndawonye phambilini.

Okunye okuthathe amehlo ngohlu olukhishwe yileli qembu wukuthi kubekwe uMandla Ncikazi njengomqeqeshi kwase kuthi uFadlu Davids waba yiphini.

NGokwemithetho yeCAF kumele kube nomqeqeshi oyedwa futhi oneziqu zokuqeqesha ezisezingeni elithile.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.