UMngqithi ubuhlungu ngoweSundowns osephinde walimala

UMngqithi ubuhlungu ngoweSundowns osephinde walimala
Sihle Ndlovu

UGaston Sirino weMamelodi Sundowns uzohlala amasonto amathathu engalithinti ibhola kulandela ukuhlinzwa ngenxa yokulimala kwakamuva.

Lokhu kuqinisekiswe umqeqeshi waBafana Ba-Style, uManqoba Mngqithi, ngesikhathi ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo neBaroka FC, ngoMsombuluko.

“Kuyinto ebuhlungu ukuthi ngesikhathi eseqala ukubuya ngamandla, ekhombisa nezimpawu ezikahle uma siziqeqesha, kwenzeke lokhu okwenzikile (ukulimala),” kusho uMngqithi.

“Ngenhlanhla uvele usehlinziwe kanti odokotela bathembisa ukuthi angase ahlale amasonto amabili kuya kwamathathu engalidlali ibhola.

“Sithemba ukuthi mhlawumbe uma sesibuya kwi-Al Ahly uyobe esesimeni esikahle ukusiza iqembu.

“Simfisela ukwelulama okusheshayo ngoba sazi kahle ukuthi uyilungu elibaluleke kakhulu leqembu lethu.”

ISundowns idlale umdlalo wokuqala wamaqoqo lapho ithele khona othulini i-Al Hilal ngo 1-0 lapha ekhaya.

Nokho okwamanje isazogxila emidlalweni yeligi lapho inqenqeleza khona phambili ngenqwaba yamaphuzu.

“Siya kulo mdlalo ukuyolwa (neBaroka). Akukho okungabalahlekela bona, bazama ukuphuma engozini yezembe nje kuphela.

FUNDA NALA: Kukhona abadlali abangajimi kwiSwallows ngoba bengaholile

“Nakanjani bazogqugquzeleka ukuthi bazinikela ngakho konke kulo mdlalo,” kusho uMngqithi ngeBaroka evamise ububathwalisa kanzima.

“Nokho ngesinye isikhathi uma ukulangazelele kakhulu ukuwina ugcina wenza amaphutha. Sikulindele lokho ukuthi benze amaphutha njengoba bezobe bezama ngayo yonke indlela ukuthola umphumela.

“Kodwa ngeke sivele siwine nje. Okokuqala kumele sibe sesimeni sokulwa kulo mdlalo bese sibonake ukuthi kwenzeka njani.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *