UMngqithi ucacisa ngokukhishwa kukaRulani ngekhadi elibomvu

UMngqithi ucacisa ngokukhishwa kukaRulani ngekhadi elibomvu
UHashim Domingo noThapelo Morena
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns ishiye kukhalwa e-Egypt la idumaze khona izinkunzi ezisatshwayo kuleliya lizwe i-Al Ahly isishaya ngo 1-0 wegoli elingene sekubalwa imizuzu umdlalo uphele.

Lo mdlalo obulindelwe ngabomvu awuzange udumaze njengoba bewunezigemegeme ebezilindelekile emdlalweni wamagqubu. 

Imimoya beyiphakeme kwazise ayikho kulezi zinkunzi ebifuna ukugoba uphondo. Yingakho kungthusanga kakhulu ukubona umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena ekhishwa ngekhadi elibomvu.

Bekusanda kuqala isiwombe sesibili ngesikhathi unompempe ekhipha lo mqeqeshi ngemuva kokuhilizisana ngamagama.

Uzakwabo, uManqoba Mngqithi usecacisile ngokwenze kugcine kuphume ikhadi elibomvu ethi bebengeke bethule kudlalwa ngabo.

“Ukukhuluma iqiniso nje, besingalwi thina nonompempe,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo obuseCairo.

“Unompempe uzitshele ukuthi unozinti wethu (uKennedy Mweene) umosha isikhathi ngabomu. Obekwenzekile wukuthi ubelinyaziwe. 

“Thina sibe sesizama ukukhipha ibhola ngaphandle ukuze athole usizo. Kodwa balivimbile ibhola baqhubeka badlala yize unozinti ebelele phansi.

“Ubengazenzisi ngoba ezama ukumosha isikhathi. Asikwenzi thina lokho. Yilapho ke esibe sesizama khona ukutshela unompempe ukuthi unozinti ulimele,” kuchaza uMngqithi.

Wenqabile nokho ukungena ekuphawuleni ngomsebenzi wonompempe, ethi nabo bangabantu ngakho bayawenza amaphutha.

FUNDA NALA: UBilliat uvalise iChiefs ihlazo lokungawini

“Odabeni lokuthi bawenze kanjani umsebenzi wabo onompempe, angifuni ukuthi ngithi ngijabule noma angijabulanga ngomsebenzi wabo.

“Iqiniso wukuthi nabo bangabantu ngakho bazowenza amaphutha kwesinye isikhathi. Siyemukela uma benze amaphutha bese siyabaxolela.

“Kumele sibaxolele ngoba bangabantu kanti ke ukwenza amaphutha into yakhona ebholeni… Namuhla engasiza wena lawo maphutha, kusasa akulimaze.”

Ngale wini iSundowns seyisethubeni elihle lokudlula esigabeni samaqoqo njengoba seyinamaphuzu ayisikhombisa.

Yiyo ephezulu kuGroup B, ilandelwe yi-El Merreikh enamaphuzu amane. Kube sekulandela i-Al Ahly endaweni yesithathu ngephuzu elilodwa.

I-Al Hilal yiyo esemsileni kuleli qoqo njengoba nayo isenephuzu elilodwa. Nokho i-Al Ahly ne-El Merreikh bona basasilele emuva ngomdlalo owodwa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.