UMngqithi ujabulele ukushaya ‘umbimbi’ lwe-Al Ahly neChiefs

UMngiqthi uthi okwenzeke kwiPirates eTanzania akusenzeki kwiDowns
UManqoba Mngqithi
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi okwenze kwaba mnandi kakhulu kubo ngokushaya i-Al Ahly ngoMgqibelo ntambama wukuthi bashaye neKaizer Chiefs khona lapho.

I-Al Ahly yakhe ubudlelwano obuhle neChiefs ngesikhathi ifika kuleli njengoba beyijimela ekomkhulu layo eNaturena ngaphambi kwalo mdlalo weCaf Champions League.

Ngaphezu kwalokho Amakhosi avumele i-Al Ahly ukuthi kube yiyo esebenzisa igumbi layo lokushintshela eFNB Stadium la mdlalo ophele ngo 1-0 kuwina iSundowns bewudlalelwa khona.

“Ngifisa sengathi bengingathi besidlalela ukushaya ompetha… kodwa ngicabanga ukuthi okwenza le wini ibe mnandi kakhulu wukuthi sishaye umbimbi,” kusho uMngqithi.

“Uyakhumbula ngesikhathi seBio-Bubble? Sasidlalela eFNB kodwa singavunyelwe ukusebenzisa izindlu zokushintshela zeChiefs.

“Kodwa lezi zindlu zivulwe ngezinhliziyo ezimhlophe uma sezicelwa i-Al Ahly – ngakho ke kimi ukuwina lo mdlalo kube mnandi kakhulu ngoba iChiefs beyisimonela ngokwenza kanje.”

FUNDA NALA: Abalandeli beSundowns baphinde baphazamisa ibhasi le-Al Ahly

Uthe nabo baba naso isimo esinjena ngesikhathi iChiefs idlala kwiChampions League ngonyaka odlule kodwa bona bakhetha ukuba nozwelo kwiChiefs hhayi izihambi.

“Nathi saba nesimo esicishe sibe njena ngesizini edlule, kodwa asikhulumi ngalezi zinto ngenxa yenhlonipho nokuthembeka ezweni lethu.

“Sesiside isikhathi sidlala kulo mqhudelwano. IWydad (Casablanca) yacela ukuzozicijela enkambini yethu (eChloorkop) ngesikhathi izodlala neChiefs ngonyaka odlule.

“Kodwa senqaba ngoba lokho akubona kuzofana nokuthi seseka izihambi, sidayisa ngeqembu lasekhaya ezitheni.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.