UMngqithi ukhuza eyokukhombana ngenjumbane kwiSundowns

UMngqithi ukhuza eyokukhombana ngenjumbane kwiSundowns
Alfred Ngubane

Ukukhombana ngeminwe yinto engagcina idale izingxabano eqenjini futhi cishe yikho lokhu okwenze umqeqeshi weMamelodi Sundowns angafuni ukugxeka amaphutha abawenzile bekhishwa kwiCaf Champions League.

ISundowns iphoxile iwashiswa ijezi yiPetro de Luanda yase-Angola ebingabhekiwe ukuthi ingakwenza lokhu.

Leli qembu lase-Angola liwine ngo 3-2 uma sekuhlanganiswe imiphumela. Lawina umlenze wokuqala ngo 2-1, labe seliyibamba ngo 1-1 iSundowns ngoMgqibelo ntambama.

Igoli lePetro liqhamuke ngephenathi edalwe u-Andile Jali odlalise kabi umgadli wePetro esebhokisini ngesikhathi seyifika iphindelela emapalini eSundowns ifuna igoli layo.

“Wonke umuntu ubekuqonda kahle ukubaluleka kwalo mdlalo kithi futhi sonke besifuna ukuwina le ndebe,” kusho uManqoba Mngqithi ongumqeqeshi weSundowns.

“Angifuni nokuyingena ke eyokugxeka labo abenze amaphutha lapha nalaphaya ngoba vele ebholeni kumele kube khona owenza iphutha ukuze kube negoli,”kuqhuba yena.

FUNDA NALA: Asesele kwiPirates amathemba akuleli ngeyeCaf

Nokho ezinkundleni zokuxhumana sekusabalele izithombe zikazakwabo uRulani Mokwena ethethisa uLyle Lakay aze amdonse ngezindlebe emkhombisa okumele akwenze.

“Kwesinye isikhathi abantu abenza amaphutha yilabo abahlale bekwenzela izinto ezinhle ngakho kubalulekile kumqeqeshi ukuthi uvike ukukhombana ngenjumbane.

“Uma oyedwa enze iphutha, kusho ukuthi sonke senze iphutha. Thina njengabaqeqeshi kumele sibe ngabokuqala ukwamukela ukugxekwa.

“Kumele sivikele abadlali ngoba sekukaningi besenzela umsebenzi omuhle futhi basazowenza nangokuzayo… kumele sibavikele, sibakhombise uthando uma kungenzekanga kahle.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.