UMngqithi ukufanise nokubhala izivivinyo zokugcina ukubhekana ‘nothisha wabo’ uMosimane

USteve Komphela, Rulani Mokwena noManqoba Mngqithi

OKADONGA GUMBI

UPitso Mosimane ufana nothisha obacije ngokwanele abafundi bakhe koManqoba Mngqithi noRulani Mokwena abaqeqesha iMamelodi Sundowns ngokubambisana noSteve Komphela kule sizini.

Inkinga wukuthi umfundi usefuna ukujikela uthisha, amkhombise ukuthi wazi kangcono. Sekudela yena umakhasana oyozibukela bukhoma zibulalama.

UMngqithi uthi bona bafana njengezingane zesikole eziyobhala isivivinyo sokugcina njengoba bezobhekana ne-Al Ahly ephekwa nguPitso Mosimane obengumphathi wabo kwiSundowns isikhathi eside.

La maqembu azogadulisana emzuliswaneni wokuqala esigabeni somkhumulajezi kwiCAF Champions League e-Al Salam Stadium ngoMgqibelo ngo-9 kusihlwa.

“Ngifisa ukwazi ukuthi ngabe umqeqeshi wakudala we-Al Ahly lapho ekhona uhlale ekhuluma ngabo bonke abadlali be-Al Ahly ethi uyabazi,” kusho uMngqithi uma ebuzwa ngokuthi uMosimane uyabazi ubuthaka beSundowns.

“Mina angikhulumi ngamaqembu ebengiwaqeqesha phambilini ngoba ngihlonipha abaqeqeshi nabadlali abalapho ngaleso sikhathi. Ngakho, ngokwami ukuthi ubekwiSundowns ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezidlule akusho lutho, sekukuningi esikushintshile ohlakeni lokudlala. Abanye abadlali sesibashintshile izindawo abadlala kuzo.

“Into engingayisho wukuthi sidlala nomqeqeshi esimhloniphayo, odlale indima enkulu ezimpilweni zethu. Kodwa sikholwa wukuthi lo mdlalo ufana nesivivinyo esikhulu sokuphetha unyaka,” kuqhuba uMngqithi.

Uveze nokuthi bona njengabaqeqeshi bengakhuluma beze bekhihlike amagwebu, kodwa okubalulekile okuzokwenziwa ngabadlali enkundleni ngosuku lomdlalo.

“Kwesinye isikhathi thina singabaqeqeshi sizibona sibakhulu kunalokhu esiyikho. Abadlali abangena enkundleni. Abadlali abasuke besenkundleni, abazi ukuthi kusinda noma kulula kanjani kulowo mdlalo.

“Thina esingakwenza (njengabaqeqeshi) ukubasiza ngokuthi sibayalele ukuthi sifuna badlale kanjani. Kungaba wukuthi sifuna badlale ngokuthi bahlale emuva bese behlasela ngokuzuma.

“Noma siqunge isibindi sithi abavele bakhahlasele bayofela empini, siphoqe i-Al Ahly ukuthi ingazenzeli umathanda yize isekhaya. Kodwa sazi kahle ukuthi bazohlale bezifuna izimbobo zokucusha ukuze basilimaze. Thina lapho kumele senze isiqiniseko ukuthi siyavalisisa emuva, singabaniki izintuba.

“Kungaba mnandi ukubona i-Al Ahly ihlasela ngokuzuma kube kuyiyo esekhaya uma siyicindezela siyidudulela emuva. Sizonquma kahle kusasa (ngoMgqibelo) ukuthi senza njani, kodwa asizele lapha ukuzodlalela ubumnandi noma ukudlalela ukungehlulwa, sizodlalela ukuwina. Uma sibambana kuyoba ngcono kube namagoli.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.