UMngqithi umtshele ezikabhoqo uHugo Broos weBafana

UMngqithi uthi Broos ngoba akayiwini imidlalo ebalulekile
UManqoba Mngqithi
Sbongs Gumbi

UManqoba Mngqithi uvele wamtshela ezikabhoqo umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ophoxe abadlali ethi abekho ezingeni lokudlala eqenjini lesizwe.

UBroos ukwenze lokhu ngemuva komdlalo la iBafana ishaye khona iBotswana ngo 1-0. Ubengagculisekile ngendlela okudlalwe ngayo.

Ube esekloloda ke waze wathi abanye babadlali abebabizile bakuvezile ukuthi abekho ezingeni elifanele yize beqhakaza uma bedlala emaqenjini abo emidlalweni yePSL.

Yikho lokhu okuxhile abantu abaningi bakuleli. NoMngqithi, oqeqesha iMamelodi Sundowns ngokubambisana noRulani Mokwena noSteve Komphela, uxhilekile yile nkulumo.

“Ukukhuluma iqiniso nje, angithandi ukukhuluma kakhulu ngoHugo Broos ngoba kuleli wonke umuntu ukhuluekile, angasho noma yini ayifisayo,” kusho uMngqithi.

“Kodwa into ehlezi ibalulekile nekunika igunya lokukhuluma noma yini ukuwina imidlalo. Uma ungawini konke okushoyo kuhlezi kushiya imibuzo.

“Ukuthi abadlali bakuleli basezingeni noma abekho, anginaso isiqiniseko ngoba kukhona okuhle abadlali bakuleli abakuzuzile phambilini. Iqembu lethu lesizwe liyangena kuma-Olympics.

“Sinabadlali abadlala kahle emaqenjini ehlukene. Nayi neSundowns yenza kahle emiqhudelwaneni yasezwenikazi neyakuleli.

“Sinamaqembu amaningi enza kahle. ICape Town City idlala kahle. I-Orlando Pirates idlale kahle emiqhudelwaneni yasezwenikazi.

FUNDA NALA: OweChiefs uthi AmaZulu ayamkweleta ufuna ukuwakhokhisa

“Ngikholwa wukuthi baningi abadlali ongakhetha kubo (uma uqeqesha iqembu lesizwe). Kodw auma ukhetha abadlali abathile bese ungawini, ujike ukhale ngokuthi abekho ezingeni…

“Mhlawumbe uma usukhomba amaphutha iminwe eminingi kumele uyibhekise kuwe. Kodw auma uwina, thina sizokulalela.

“Noma imuphi umqeqeshi uma ewina kuyakhombisa ukuthi yini azama ukuyenza. Futhi ke nokuthi udlala namaqembu aqine kanjani kubalulekile.

“Kodw ake yithi ngithule,” kusho uMngqithi. Abaningi bamesekile bathi uqinisile ngoba vele uBroos wazi ukugxeka kuphela uma ephikwa imiphumela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *