UMngqithi uncoma amagalelo kaShalulile kwiDowns

UPeter Shalulile
Sihle Ndlovu

UManqoba Mngqithi , oqeqesha iMamelodi Sundowns, akawuvali umlomo ngoPeter Shalulile oshaya into ecokeme kuleli qembu.

UMngqithi uphumele obala ngokujatshuliswa uShalulile ngemuva kokuthi eshaye amagoli amathathu bebhekene neSwallows FC emdlalweni weligi, abawuwine ngo 4-2 ngoLwesithathu.

“Into ebalulekile ngoPeter (Shalulile) ukuthi kumfanele ukuthola umvuzo wokushaya amagoli, ngoba ungumdlali oziphethe kahle kunabo bonke engake ngasebenza nabo,” kusho uMngqithi.

“Ungumdlali ongageji nakancane ekusebenzeni ngokuzikhandla ukuze akhule aphinde asize neqembu. Nginesiqiniseko sokuthi wonke umuntu eqenjini ujabule ngaye ngoba uyisibonelo esihle.

“Ngisho kungathiwa izinto ezimhambela kahle kakhulu kodwa uyaqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla eqenjini, futhi lokho kubaluleke kakhulu.”

UMngqithi uphinde waphawula ngokudlaliswa kukaGeorge Maluleka emidlalweni emibili edlule. Lo mdlali, owake wayibamba kwiKaizer Chiefs, kuke kwavela ukuthi uzolishiya iqembu ekupheleni kwesizini.

“UGeorge (Maluleka) ushaye igoli emdlalweni odlule waphinda wasiza ekwakheni elinye. Nakulo mdlalo uphinde wasiza ekushayweni kwelinye igoli okuyinto enhle ngoba ungumdlali esikholwayo ukuthi angalisiza iqembu.

“Ukuzimisela kwakhe nokuzinikela ekwenzeni kangcono kusobala, futhi kumnandi ukubona lokho kuyena.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.