UMngqithi unesu lokubuyisela abalandeli ezinkundleni kuleli

UMngqithi unesu lokubuyisela abalandeli ezinkundleni kuleli
UManqoba Mngqithi

 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mgqithi uthi abaphathi bamaqembu kuleli kumele bafunde emlandweni ukuze bathole indlela yokubuyisela abalandeli ezinkundleni.

Uthi phambilini kwakuqala kube nabaculi abanamagama ababejabulisa abalandeli ngaphambi komdlalo.

“Thina kwiMamelodi Sundowns sesiqalile ukubuyela kule ndlela yakudala yokwenza izinto futhi umphumela walokho uyabonakala,” kusho uMngqithi.

“Kumanje abalandeli ababonwa nangokhalo ezinkundleni zezemidlalo ufika izinyoni zibuka abadlali ikakhulukazi kulamaqembu amancane.

“Buka nje ngoba ngisho lawa anabalandeli abaningi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abalandeli bawo sebekhetha imidlalo ethile njengoba lamaqembu edlala ibhola elingagculisi futhi engawini lutho.

“Ngaleyondlela abalandeli bayabaleka njengoba sebegcwele emaqenjini aphesheya kwezilwandle. Elakuli abasalibuki bathi liyabhora ngoba alinamagoli alisheshi.

“Nawo amaqembu kumele azinuke wona amakhwapha ukuthi ayilahle kuphi,” kubeka uMngqithi.

Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *