UMngqithi uthi bazimisele ukuphinde bayidle iMangosuthu Cup

UMngqithi uthi bazimisele ukuphinde bayidle iMangosuthu Cup
Abaqeqeshi bamaqembu azodlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup nosingaye uMtnwana waKwaPhindangene
Alfred Ngubane

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi abayithathi kancane iPrince Mangosuthu Legacy Cup futhi bazodlalela ukuhlonipha uMtwana waKwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi.

Uthi le midlalo yokuhlonipha le ngqalabutho izobanika ithuba lokunikeza abadlali beSundowns ithuba lokuzibona ukuthi sebekuphi ngamalungiselelo abo emidlalo yeDStv Premiership.

ISundowns iyona ezobe ivikela lesi sicoco njengoba sadliwa yiyo igcina ukudlalelwa eminyakeni embalwa edlule.

IPSL isanda kuqinisekisa ukuthi imidlalo yePremiership iyaqala ngo-Agasti 5 dlala bese kuthi ngempelasonto elandelayo kuqala iMTN8 kanti iSundowns uyo evikela zombili lezi zindebe.

“Akuyona imidlalo esiyithatha kancane lena ngoba inhloso wukufaka futhi sigxilise umoya wokuwina eqenjini ngakho umdlalo esingena kuwo sifuna ukuwunqoba,” kusho uMngqithi.

Uphinde wagqugquzela amaqembu aKwaZulu-Natal ukuthi angazibukeli phansi kodwa ale, ancintisane namaqembu aseGauteng.

FUNDA NALA: UMaluleka uthi kumphula umoya ukusolwa abalandeli beChiefs ngokubadayisa

IMangosuthu Legacy Cup izodlalelwa eMangosuthu Regional Stadium ngoJulayi 23 . Imidlalo izovulwa AmaZulu FC azobhekana neZululand District XI.

Kuyobe sekulandela iSundowns neRichard Bay FC bese kuthi amaqembu awine kule midlalo yokuqala atholane phezulu kowamanqamu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.