UMngqithi uthi ‘ingxabano’ yabo noMokwena iyabasiza ukudidisa izitha

UMngqithi uthi 'ingxabano' yabo noMokwena iyasiza ukudidisa izitha
UManqoba Mngqithi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ngesikhathi amaqembu elibele ukuzitshela ukuthi yena nozakwabo uRulani Mokwena baxabene, iqembu lizibuthela amaphuzu.

Kuke kwabikwa ukuthi uMngqithi wakhuluma sakubhuqa noMokwena ejimini yeSundowns. Wayengekho uMokwena ngalelo langa.

Indaba yafika ezindlebeni zikaMokwena nabaphathi uMngqithi kwathiwa akaxolise – wakwenza lokho.

Kodwa njengoba ubengakaze yena aphawule ngakho ekubeni uMokwena wakuvuma wathi okuningi kumele kubuzwe kuye uMgqithi, ugcine elibhobosile ithumba.

Ubuzwe ngalokhu ngemuva kokuba ezakhe ziphinde zaguqisa kabula i-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.

“Ngicabanga ukuthi nizomosha isikhathi senu esiningi nibheka izinto ezimbi ningagxilile kokuhle iqembu elikwenzayo,” usho kanje.

Bantu baseNingizimu Afrika asizameni ukukuqonda ukuthi kuyo yonke imindeni kuyohlala kunokungaboni ngasolinye.

“Futhi kuyohlale kunabanemibono ebuye igaxelane. Kodwa lokho akusho ukuthi basuke sebexabene unomphela,” kucacisa uMngqithi.

Ube eseveza ukuthi ngesikhathi kunakwe ukuthi bazwana noma abazwani kangakanani yena noMokwena, iqembu lizobe liqhubeka nokuzitamuzela amaphuzu.

“Umsebenzi wethu wukuwinisa iSundowns imidlalo futhi uma nilokhu niqhubeka ngokukhuluma ngalento, aniwasizi amanye amaqembu.

“Lokhu kungoba azolibala wukucwaninga ukuthi ngabe asizwani ngempela yini, thina sibe siqhubeka siqoqa amaphuzu.

“Sizani amaqembu agxile ezintweni ezinhle iSundowns ezenzayo enkundleni ngoba ngicabanga ukuthi yilokho okubalulekile njengamenje.

FUNDA NALA: Sekukhona iqembu eselilinde uMpengesi axoshe uHunt bese ligxuma

“Lokhu ngikusho ngoba uma ngikhuluma iqiniso nje, ngicabanga ukuthi laba bafana benza umsebenzi omuhle kakhulu.”

ISundowns izoke ikhohlwe iligi la ezitamuzela khona ibhekane neMTN 8 okuyindebe efana nabakhwekazi kuyo.

Izobhekana neGolden Arrows emdlalweni womlenze wesibili esigabeni semidlalo eyanduelal owamanqamu ngoLwesibili.

Umdlalo womlenze wokuqala waphela zibambene ngo 1-1 kanti kumele nakanjani kuphume elizodlulela kowamanqamu ngemuva kwalo mdlalo wangoLwesibili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.