UMngqithi uthi iSundowns isindwa yijoka ezithwese lona

UMngqithi uthi iSundowns isindwa yingcindezi yokunganelwa goli
UThemba Zwane noThami Mkhize
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Kuyinto enhle ukuthi iMamelodi Sundowns ayikandenelwa goli emidlalweni yeDStv Premiership – lokho yinto ebajabulisayo nabalandeli.

Kodwa ngokubona kukamqeqeshi uManqoba Mngqithi lokhu sekuveza nobubi bakho.

UMngqithi uthi lokhu sekuqala ukulicindezela iqembu njengoba selike lilwele ukungangenelwa goli kunokulwela ukuwina.

Lokhu ukuvume ngemuva kokubambana kwabo neCape Town City ngo 0-0 ngoMgqibelo kusihlwa. 

Uthi kuthe uma abadlali beboba becindezeleka, bakhetha ukuvika kunokuthi nabo bashoshele bayofuna elabo igoli.

“Lento yokunganelwa goli… Yize kumnandi ukuthi awukangenelwa goli emidlalweni eminingi kanje, kodwa sekuyaqala ukucindezela iqembu.

“Besidlala ngokwesaba uma siphethe ibhola sagcina senza amaphutha abengadala ukuthi sigcine sishayekie,” kusho uMngqithi.

“Sekuyacaca ukuthi lento yokungangenelwa yigoli isiqala ukusitatazelisa ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi siveka lelo rekhodi singabe sisadlala ngokukhululeka.

“Ebholeni liyakudla igoli kodwa okubalulekile wukuthi wena ushaye amaningi kunenmbangi yakho ukuze uwine umdlalo.

“Lento yokungangenelwa goli… Yebo, yinhle impela ngoba iyingxenye yohlelo lwethu lokudlala kodwa ibuye ifake ingcindezi kubadlali. 

“Uma uzodlala uzitshela ukuthi awufune kwenza phutha yila enzeka khona kakhulu. 

“Kodwa uma uzodlala ufuna ukuphatha umdlalo bese ulwela umphumela ube ukwazi ukuthi kungenzeka imbangi ilishaye igoli kuba ngcono. 

“Wena ube sewulwela ukuthi nje ushaye amaningi kunembangi yakho ngalelo langa okwenza ukhululeke.”

UMngqithi uthi into eyenze badlale kabi kwiCity wukuthi kuthe uma ibacindezela bajika bona nalwela ukuthi bengangenelwa goli esikhundleni sokubuyisela.

FUNDA NALA: Ligcine likhalile izembe ku-Ole weMan United

“Angisho ukuthi ngifuna singenelwe amagoli, kodwa lento yokungangenelwa amagoli siqala ukusicindezela impela.

“Iqembu selidlalela ukuthi lingangenelwa yigoli. Lokho kwenza sigcine sesivala emuva kakhulu kwesinye isikhathi.  

“Bekuwumdlalo omubi futhi besiphisana ngebhola kalula. Besingakwazi ukulawula umdlalo bese senza amaphutha amaningi.

“Lokho bekwenza sihlaseleke kalula. Besingasakunakile okubalulekile kanti sicishe sashaywa ngenxa yalokho.

“Kodwa emidlalweni enjengalona uyakujabulela ukungahlulwa ngoba bekungenzeka noma yini. Bayiqembu elihle kakhulu futhi basithwalise kanzima.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.