UMngqithi uthi okwenzeke kwiPirates eTanzania akusenzeki kwiDowns

UMngiqthi uthi okwenzeke kwiPirates eTanzania akusenzeki kwiDowns
UManqoba Mngqithi
OkaDonga Gumbi

Ukukhala kukaMandla Ncikazi ngokuhlukunyezwa kwe-Orlando Pirates eTanzania la beyiyodlala khona kwiCaf Confederation Cup sekususe izinkulumo eziningi.

Abanye bathi uNcikazi wenze kahle abuveze ubuhlathi beSimba SC, kanti abanye bathi ukhaliswa wukubona umsebenzi uzomphelela uma bengawini kulo mqhudelwano.

Nomqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mgqithi useveze owakhe umbono, wathi bona sebephathwa kahle uma bengaphandle ngoba sebezakhele igama.

“Angithandi ukugxila kakhulu kulokho okushiwo uMandla ngoba angazi ukuthibaphathwe kanjani nokuthi kwenzekeni kubo eTanzania,” kusho uMngqithi kwabeSowetan.

“Thina kwehlukile okwethu – phambilini bekuba khona lokho kuphathwa budlabha, kodwa besazi ukuthi indlela nje yokusithusa, siphume emuzweni womdlalo.

“ISundowns seyizakhele igama futhi iyahlonishwa ezwenikazi futhi siphathwa kahle impela. Sesinanabalandeli kwamanye amazwe esiya kuwo futhi ngabe ngiyaganga uma ngingakhala.

“Mhlawumbe ke sengingabalula izinkundla ezingezinhle zokuzicija esinikwa zona namabhasi angekho esimweni esihle esiwanikwayo ukuba siwasebenzise.

“Nokho sesijwayele ukuthi sizilungiselele thina lezi zinto ukugwema ukuphoxeka uma sesifika khona,”  kuchaza uMngqithi.

FUNDA NALA: UPitso usebheke ukuyodla isicoco sesithathu kulandelana kwiChampions League

Uthe into abayenzayo wukuthi banethimba elihamba kuqala liyohlola isimo sezinsiza abanikwe zona, bese uma lithola ukuthi azigculisi lithole ezinye.

“Lokho kuqinisekisa ukuthi izinsiza esizozithola zisezingeni esilidingayo, asithembeli eqenjini esilivakashele kuphela kulokho.

“Uke uthole ukuthi inkundla olungiselelwe yona ukuba uziqeqeshele kuyo isesimweni esingesihle neze. Uma lokho uzokuthola sewuze wafika, akukho osuke usangakwenza.”

Kuzokhumbuleka ukuthi naMaZulu FC azithola ehamba ngebhasi elinezihlalo eziwayo ngesikhathi eyodlala neHoroya SC eGuinea.

Kuvele kuyinto esifana namahlalakhona ukuthi iqembu lokufika lingaphathwa kahle kwamanye amazwe ase-Afrika.

IPirates izobhekana neSimba emdlalweni womlenze wesibili e-Orlando Stadium la kulindeleke abalandeli bayo baphume ngobuningi ngeSonto.

Yahlulwa ngo 1-0 ekuhambeni kanti ukuze idlulele phambili kumele iwine ngamagoli amabili kuya phezulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.