UMngqithi uyazi uHunt engabathwalisa uthayela emoyeni waseGqeberha

UMngqithi uyazi uHunt engabathwalisa uthayela emoyeni waseGqeberha
UManqoba Mngqithi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Into eyaziwayo ngamaqembu aphekwa nguGavin Hunt wukuthi ayakwazi ukuyixova bese evulela isibhaxu usale ungazi kwenzeke kanjani.

Abekho abantu abakwazi kangcono lokho kunethimba labaqeqeshi beMamelodi Sundowns. Phela uHunt nguyena kuphela okwaze ukubashaya ngesizini edlule ngesikhathi ekwiKaizer Chiefs.

Futhi yingakho neChiefs yakwazi ukudida izimbangi kwiCaf Champions League yaze yaphelela kowamanqamu kungalindele muntu.

UMgqithi ukuvumile ukuthi balindele aphinde abathwalise kanzima njengoba bezobhekana naye esekwiChippa United.

Lo mdlalo weDStv Premiership ozoba seNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesibili ngo-5 ntambama.

“Ngokumazi kwami uHunt, silindele umdlalo onzima ngoba uma ubheka igoli abalishayile bebhekene neSkhukhune belisuka ebholeni ebelibekwe phansi.

“Banabadlali abamandla emabholeni angqofwayo abanjengoSammy Seabi, Vuluyeke Zulu, kanti kwayena uBienvenu Eva Nga, uyingozi kulawo mabhola,” kusho uMngqithi.

Uqhube wathi uyazi bazozama ukusebenzisa amabhola ahamba emoyeni ukuze bakwazi ukubadida ngawo.

“Silindele ukuthi azoba maningi amabhola okuzomele sibhekane nawo eza emoyeni. Amaqembu kaGavin ahlezi eyinkinga nje.

“Akulula ukuwahlakaza ukuze uthole izintuba zokuwahlasela futhi kungenzeka bagqishe emuva. Bebedlala ngezitobha ezintathu nezasezimpondweni ezimbili kwiSekhukhune.

“Bekukhona nadlali basesiswini maphakathi nenkundla abathathu. Ngakho kungenzeka umdlalo ube ngomunye wale egcina ikuxaka ngoba bazobe beza ngqo kithi.”

Uthe sebeyihluzile bayihlalula, bayicakaza baphinde bayihlanganisa iChippa njengoba bengafuni ukwenza amaphutha.

FUNDA NALA: UMakeleni ufuna ukuphindiselela omkhaya bakhe kuDlomo

“Siyibhekile indlela abadlala ngayo ukubona ubungozi babo nokuthi sithole izixazululo zalokho. Yilokho okuzosilayela ukuthi sisibophele kanjani iskimu sethu.

“Inkinga esinayo nje ngeyokulinyalelwa ngabadlali osekwenze kwaba nzinyana kithi ngokwendlela ebesifisa ukudlala ngayo.

“Kungenzeka sigcine siphoqeleke ukushintsha iqembu eselidlale kahle emidlalweni emibili. Ngokujwayelekile asifuni ukuphazamisa iqembu uma lenza kahle,” kuchaza uMngqithi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.