UMngqithi weseka ukunikwa ithuba kukaZwane kwiChiefs

Sihle Ndlovu

Kuyinto encomekayo kakhulu ukubona abaqeqeshi bokudabuka eNingizimu Afrika abanamava, beseka labo abasebancane ukuthi banikwe ithuba lokuzobonakalisa emaqenjini ePremier Soccer League.

Njengamanje udaba olusematheni olokuthi ngabe kumele yini banikwe ithuba o-Arthur Zwane noDillion Sheppard ukuthi bacije iKaizer Chiefs ngokuphelele ngesizini ezayo.

Laba ababili babambe okwesikhashana ngemuva kokukhonjwa indlela kukaStuart Baxter obesenuka iqaqa kubalandeli baMakhosi. Bebengamaphini alo mqeqeshi wase-England.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, usephumele obala ngokuthi ucabangani ngoZwane noSheppard kwiChiefs.

“Ngicabanga ukuthi abaqeqeshi abafana no-Arthur (Zwane), uDillion (Sheppard) noVincent Kobola kwiBaroka FC, uma ubuka ushintsho abalenzile esikhathini esifushane, kumele ukuthi abezindaba baseNingizimu Afrika bazame ukungabi nobabukela phansi njengabantu bethu,” kusho uMngqithi.

Sibhekwe ngabomvu isinqumo sabaphathi beChiefs mayelana nomqeqeshi abazomqasha ukuthi azame ukushintsha izinto eNaturena ngesizini ezayo. Baningi abalandeli abakholelwa ekutheni uZwane kumele anikwe ithuba.

Anconyiwe amava kaZwane ngemuva kokuthi iChiefs idlale kahle ibhekene neSundowns lapho la maqembu ebambane khona ngo 1-1 ngeSonto.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.