UMnisi uchitha umdlali odume ngokuhlupha omataniswa neRoyal AM

UMnisi uchitha umdlali odume ngokuhlupha omataniswa neRoyal AM
Sbongs Gumbi

Kuke kwavunguza amahlebezi okuthi umdlali odume ngokuhlupha nokweqisa ophuzweni oludakayo uMazibusane Zongo angase asayinwe yiRoyal AM.

Impempe ithole ukuthi uZongo uhambe echoma ngokuthi uyabuyela kuleli qembu leziqumama zaseThekwini ake wadlala kulo phambilini.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ungumngani nosihlalo weRoyal AM u-Andile Mpisane oneminyaka engu-21 nokuthiwa uthi uyena ofuna ukumbuyisa.

Kodwa isikhulu esiphezulu kuleli qembu uSinky Mnisi, sithi lutho eLuthela kungcono naseSheshi ngoba babuye baziphuzele.

“Amampunge nje lawo. IRoyal AM ayikaze ikhiphe isimemezelo ithi seyisayine uMasibusane Zongo,” kusho uMnisi kwabePhakaaathi.

“Asibasayini abadlali ngoba nakhu kunamahlebezi abamatanisa nathi. Asikwazi kuvelaphi lokho futhi thina asikaze nje sikhulume noZongo.

FUNDA NALA: Kusolwa isikhulu ngokugudluza uMaduka ukuze sifake abasikhokhelile kwiRoyal AM

“Angikaze ngikhulume naye futhi ngeke ngize ngimsayine, yilelo iqiniso. Asikaze sikhulume ngisho nabamphethe.

“Ake sithi siyamsayina ke, singathi sikwenzelani lokho sibe sinaye umdlali osemncane odlala kule ndawo adlala kuyo?

“SinoMfundo Thikazi odlala kahle kule ndawo okungadlala kuyo uZongo. Buzani iKaizer Chiefs ngaye. Wonke umuntu uyawazi umlando wakhe.

“Wonke amaqembu ayamazi ukuthi uziphatha kanjani. Pho thina singamsayina kanjani umuntu esesake saba naye eqenjini phambilini sibe sinaye osemncane odlala kahle?” kuchaza uMnisi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *