UMnisi ukhala ngoMaMkhize athi unikele ngaye kwabezindaba

UMnisi ukhala ngoMaMkhize athi unikele ngaye kwabezindaba
USinky Mnisi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu
Sbongs Gumbi

USinky Mnisi usekhwele wadilika kwabezindaba ngemibiko eveza ukuthi umisiwe yiRoyal AM lapho eyisikhulu esiphezulu khona.

Lesi sikhulu sebhola esinamava sivumile nokho ukuthi besingekho emsebenzini isikhashana futhi sizothatha ilivu eyisipesheli ukuze siphumuze umqondo.

UMnisi uthe ukubheduka kwemibiko yokuthi umisiwe kumhlukumeze kakhulu ngokomoya nangokomzimba yikho nje enqume ukuthatha ikhefu.

Izindaba zokuthi uMnisi umisiwe ziqhamuke ngasekuqaleni kukaJuly. UShauwn “MaMkhize” Mkhize uke wabuzwa ngokumiswa kukaMnisi, wangena ezintangeni.

“Ukucacisa nje, zonke lezi zinsolo ezibhekiswe kimina azilona neze iqiniso. Azibambeki futhi ziyalimaza,” kusho uMnisi.

Ubekhuluma esithangamini asibize njengesikhulu esiphezulu seRoyal AM. Nokho kubuye kwavela ukuthi iRoyal AM beyingazi lutho ngalesi sithangami.

Ngesikhathi eshayelwa ucingo yiNewsroomAfrika uMaMkhize usichithile lesi sithangami njengesiyizindaba ‘ezingamampunge’, okuyinto emcanule kakhulu kunakuqala uMnisi.

“Benginethemba lokuthi umengameli weRoyal AM uzozikhahlela ngazo zombili (izinsolo zokumiswa) aphinde aziqhelelanise nazo.

“Lokhu kungenxa yokuthi abanye bezindaba bebecaphuene yena njengomthombo walezi zinsolo.

“Ngesikhathi ehlonywa umbuzo wokuthi ngimisiwe yini akazange akuphike lokho ukuthi ngangingamisiwe mina,” kwengeza uMnisi

“Ngathula isikhathi eside ngizama ukunika ithuba umengameli weRoyal AM lokuthi acacise mayelana nezinsolo ezazibhekiswe kimina zokuthi ngimisiwe kwabezindaba.

“Yize ayazi ukuthi konke lokhu okwakushiwo ngami abezindaba akulona iqiniso, akazange enze imizamo yokukumisa.

“Wavumela ukuthi isithunzi sami sivivinywe, satholwa sinecala sagcina sinqanyulezwa abezindaba. Ngikhubekile, ngizizwa ngenzelwe phansi kanti okungaphezulu kwalokho ngiphoxekile uma ngibheka ukuzinikela, ukwethembeka nayo yonke imizamo engiyenzile ukuze iphumelele iRoyal AM.”

Ube esekuphika ukuthi uke wathatha izinqumo ezithinta iqembu ngaphandle kokuvunyelwa uMaMkhize noma u-Andile Mpisane ongusihlalo weqembu.

UMnisi uveze ukuthi unawo amaphepha awubufakazi bokuxhumana abenakho noMaMakhize noma kungathiwa uphesheya eholidini.

FUNDA NALA: Sezingena isikole izingane ezazalwa ngonyaka iChiefs eyagcina ngawo indebe

“Bulapha (ephakamisa inqwaba yamaphepha) bonke ubuvakazi bokuxhumana kwami nomengameli weRoyal AM…

“Kodwa ngeke ngibunike abezinda ngoba angifuni lolu daba luphendule uMuvhango noma i-7de Laan,” kusho yena.

UMnisi uthe uzobuyela eqenjini maduze njengoba ethathe ilivu ukuhluza kahle umqondo.

“Okwenzeke ezinyangeni ezedlule mayelana nezinsolo zokumiswa kwami, ukubekwa amacala nokuxoshwa yiRoyal kusidicilele phansi kakhulu isithunzi sami.

“Ngithathe iselulelo sokuthi ngingabaphenduli abezindaba mayelana nalokhu. Nginqume ukuthi ngilinde kuze kudlule konke bese ngiphendula ngendlela yami.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.